IZaziso
◼ Ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma kunezingane, kungase kuhanjiswe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
◼ Sifisa ukukhumbuza bonke onobhala ukuba baqiniseke ukuthi amarekhodi ezimali zebandla ka-September 1, 2007 kuya ku-August 31, 2008 athunyelwa ehhovisi legatsha.
◼ Kusukela ngo-January 1, 2009, inkulumo ethi “umbonisi owengamele” ngeke isasetshenziswa. Umzalwane okulesi sabelo manje usezobizwa ngokuthi “umxhumanisi wendikimba yabadala.”
◼ Amabandla asengaqala ukuthumela ama-oda e-Watchtower Library—2008 (cdly08). I-odwa ngokukhethekile, ilungiselelwe amalungu ebandla futhi itholakala ngebandla kuphela. Akufanele ihanjiselwe umphakathi noma inikezwe abantu abanesithakazelo esingatheni nje koFakazi BakaJehova. I-Watchtower Library—2008 izotholakala ngesiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, nangesiShayina (kuhlanganise nesiShayina Esenziwe Lula). Abamemezeli abayisebenzisa njalo i-Watchtower Library futhi abangasayisebenzisi imiqulu kufanele bahlole ukuthi kusadingeka yini ukuba ba-ode imiqulu.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini—Ebhalwe Ngokugqamile (belp)—ngesiShayina Esenziwe Lula (Pinyin)
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli (my)—ngesiKwanyama
INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele (bi12)—ngesiBemba
Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya (fy)—ngesiKwanyama
Lapho Ufelwa Othandekayo (we)—ngesiKwanyama
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Keep Your Eye Simple (csey)—ngesiBemba
◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakalayo:
Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova (cdjd)—ngesiFulentshi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
I-albhamu ye-Nqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova—2009 (engenalutho) (dvcw09)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
Funda KuMfundisi Omkhulu (dvlr)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
Organized to Share Good News and Whole Association of Brothers (dvjwa)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika