Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/08 kk. 2-3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 7/08 kk. 2-3

IZaziso

◼ Ngo-July no-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama!

◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Hamba Endleleni Yobuqotho.”

◼ Kufanele kubalwe zonke izincwadi nomagazini ngo-August 31, 2008, noma ngokushesha ngaphambi kwalokho. Lokhu kuyefana nokubalwa okwenziwa nyanga zonke umxhumanisi wabaphathi bezincwadi, futhi izingqikithi kufanele zibhalwe efomini lo-Kubalwa Kwezincwadi (S-18). Sizani niqiniseke ukuthi ngaphambi kokubala, izinto ezi-odwa ngokukhethekile sebezinikeziwe abamemezeli abazi-odile. Ingqikithi yomagazini abasesitokweni kufanele itholwe encekwini kamagazini. Unobhala webandla elingumxhumanisi kufanele engamele lo msebenzi. Yena nombonisi owengamele webandla elingumxhumanisi bayosayina ifomu. Ibandla ngalinye elingumxhumanisi liyothola amafomu amathathu Okubalwa Kwezincwadi ezintweni eziyothunyelwa ngo-July noma ngo-August. Sizani nithumele ifomu lokuqala ehhovisi legatsha engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi emafayilini enu. Kungase kusetshenzelwe ekhophini yesithathu. Sizani nibheke incwadi ka-January 7, 2008 ngaphambi kokuba nibale isitokwe.

◼ Ibandla ngalinye lizothunyelelwa isitokwe saminyaka yonke samafomu onyaka wenkonzo ka-2009 ngemvilophu enkulu ngebandla elingumxhumanisi. Njengoba amagama amabandla angabaxhumanisi engabhalwa kumalebula akulezi zimvilophu, umxhumanisi wabaphathi bezincwadi kufanele ahlole okubhalwe ohlwini lwezincwadi ezithunyelwe ukuze aqiniseke ukuthi leyo mvilophu inikezwa ibandla ngalinye ngokushesha.

◼ Amabandla kufanele a-ode isitokwe esanele samafomu onyaka wenkonzo ka-2009 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Amafomu alandelayo akufanele a-odwe ngoba nizowathunyelelwa nesitokwe samafomu saminyaka yonke: UMbiko Webandla (S-1), Izimvilophu Zamakhadi Ombiko (rce), ama-Literature Request Form (S-14), ama-Fomu Okuthumela Imali (S-20), uMbiko Wokubalwa Kwezimali Zebandla (S-25), ama-Phepha Emali (S-26), kanye nawo-Mbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30). Nicelwa ukuba wonke amafomu niwasebenzisele injongo yawo kuphela.

◼ Kufanele kusetshenziswe incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ekuqaleni nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli esikhundleni sencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Le ncwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ingaqhubeka ihanjiswa enkonzweni yasensimini ize iphele esitokweni.

◼ Kusukela ngo-January 2008, amafayili e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! elalelwayo yesiNgisi neSpanishi aseyatholakala engosini ye-Internet ethi www.jw.org. Abaningi bakhetha ukuzikopishela lab’ omagazini abalalelwayo, abatholakala ngaphambi kokuba ama-CD noma ama-MP3 afike emabandleni. Uma umuntu ekopisha la mafayili, inhlangano nayo iyakhokha. Kodwa ukuwasakaza ngale ndlela kushibhile kunokwenza nokuthumela ama-disc. Ngakho-ke, abamemezeli abakopisha lab’ omagazini bakhuthazwa ukuba bakhansele ama-oda abo ama-CD noma ama-MP3 encekwini kamagazini. Ngokuhamba kwesikhathi amafayili alalelwayo ezilimi ezengeziwe azotholakala engosini ethi www.jw.org.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Watch Tower Publications Index 2007 (dx07)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakala Nge-MP3:

Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova (mpjd)—ngesiNgisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela