IZaziso
◼ Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala. Uma abaninikhaya sebenayo kakade le ncwadi, babonise indlela engabazuzisa ngayo ngokubabonisa kafushane indlela esiqhutshwa ngayo isifundo seBhayibheli. Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu.
◼ Umbonisi owengamele kufanele athumele amarekhodi ezimali zebandla ka-June, July no-August ehhovisi legatsha ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kokuphela kuka-August. Ngeke kudingeke ukubala izimali ezikulawo marekhodi ngaphambi kokuba niwathumele. Kufanele kufakwe zonke izitatimende zasebhange. Lezi zinto nizithumele kuyi-Accounting Office—PBO Registration.
◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziyalezo ezisemakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, mayelana nanoma ibaphi abasusiwe noma abazihlukanisile abangase bafise ukubuyiselwa ekuhlanganyeleni.
◼ Amabandla kufanele a-ode IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2008 kanye ne-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Lezi zinto zi-odwa ngokukhethekile futhi kufanele zi-odwe kuphela uma kunabathile abazifunayo. Kuze kube yilapho lezi zinto sezitholakala, kuyobhalwa ukuthi ‘Kusazothunyelwa’ ezinhlwini zezincwadi ezithunyelwe. Kufanele kwenziwe isaziso ebandleni ngaphambi kokuba kuthunyelwe i-oda lalezi zinto. Abamemezeli akufanele bazindele ukufaka ama-oda abo kubaphathi bezincwadi, futhi umxhumanisi wabaphathi bezincwadi kufanele alithumele ngokushesha i-oda ehhovisi legatsha. Umbonisi owengamele kufanele alandelele ukuze aqiniseke ukuthi akukho kuzindela ekuthunyelweni kwama-oda. Kuyodingeka ukuhlela okuhle. Ngeke enziwe amalungiselelo akhethekile okuthumela izinto ngokuphuthumayo noma ukuzilanda eBethel. Umbonisi wenkonzo kufanele aqiniseke ukuthi ibandla li-oda kuphela isibalo sezinto elizozisebenzisa.
◼ Akudingekile ukuba amabandla a-ode incwajana ka-2008 ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke ngoba iyothunyelwa emabandleni ngokuvumelana nezilimi namanani e-Nkonzo Yethu YoMbuso. Kodwa uma amabandla edinga ezengeziwe noma ezinye izilimi, sizani nithumele i-oda. Kufanele nibhale ngokucacile kuyi-Literature Request Form (S-14) ukuthi “Ezokwenezela kulezo esazithunyelelwa.”
◼ Asikho isidingo sokuthumela i-oda lamabheji omhlangano wesigodi ka-2007 ngoba ayothunyelwa emabandleni ngaphambi kwemihlangano yesigodi. Lapho efika la mabheji, umxhumanisi wabaphathi bezincwadi webandla elingumxhumanisi kufanele aqiniseke ukuthi ibandla ngalinye lithola isitokwe elisithunyelelwe. Uma kudingeka amabheji engeziwe, bhalani ngokucacile kuyi-Literature Request Form (S-14) ukuthi “Awokwenezela kulawo esawathunyelelwa.” Ngeke siwamukele ama-oda afika sekwephuzile. Amabheji ayotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, iSilozi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Izembozo zamabheji zepulasitiki zingase zi-odwe uma zidingeka. Sizani nibheke iBhokisi Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2001 mayelana nokuthi obani okufanele banikwe amabheji.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Apply Yourself to Reading and Writing (ay) —ngesiVenda
Watch Tower Publications Index 2006 (dx06) —ngesiNgisi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
I-albhamu ye-Nqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova—2007 (engenalutho) (dvcw07) —ngoLimi Lwezandla LwaseMelika