IZaziso
◼ Ngo-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezinamakhasi angu-32 ezilandelayo: Hlalani Nilindile!, Igama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Imibuzo yama-oda ezincwadi kufanele ibhalwe phansi ithunyelwe ehhovisi legatsha ngeposi, noma nge-fax ethi (011) 761-1380, noma nge-e-mail ekhelini elithi, literature@jw.org.za. Ngokuqondene nemibuzo ephuthumayo, njengeyezincwadi ezingafikanga, kungase kuthintwe uMnyango Wezincwadi ngocingo kule nombolo ethi (011) 761-1000. Ama-Literature Request Form (S-14) kufanele athunyelwe ngeloli noma ngeposi.
◼ Kuze kube manje, amabandla aye akwazi uku-oda i-Emphatic Diaglott (di-E) ne-Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures (int-E). Nokho, sicela niphawule ukuthi i-Emphatic Diaglott (di-E) ayisatholakali. Kusukela manje kuqhubeke, kufanele ni-ode kuphela i-Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures (int-E).
◼ Kusukela ngesonto lika-September 24 sizoqala ukufunda incwadi kaDaniyeli ekufundweni kweBhayibheli eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Sisikisela ukuba kusetshenziswe incwadi ethi Isiprofetho SikaDaniyeli kanye nezinye izincwadi lapho kucwaningwa. Uma kudingeka ama nye amakhophi, anga-odwa ngebandla kusetshenziswa i-Literature Request Form (S-14).
◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku zemihlangano yesigodi elandelayo zishintshile:
September 14-16:
EFrancistown, eBotswana (isiTswana)
EGaborone, eBotswana (isiNgisi)
September 21-23:
EGaborone, eBotswana (isiTswana)
September 29-30:
EWindhoek, eNamibia (isiPutukezi)
October 5-7:
EWindhoek, eNamibia (isiBhunu, isiNgisi)
December 7-9:
EBloemfontein (isiSuthu)
EPort Elizabeth (isiXhosa)
December 14-16:
Empangeni (isiZulu 1)
EGeorge (isiBhunu)
December 21-23:
Empangeni (isiZulu 2)
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo (td)—ngesiKwanyama
IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!—Uhlelo Olubhalwe
Ngokugqamile (olunamakhasi angu-800) (relp)—ngesiShona
◼ Ama-CD Amasha Atholakalayo Ohlelo Lwe-MP3:
Sing Praises to Jehovah (mpsb)—ngesiNgisi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
The Good News According to John (dvJoh)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
The Good News According to Mark (dvMr)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
To Whose Authority Do You Submit? (dvsa)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Izincwadi Ezinqwabelene Ezitholakalayo:
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1997 (yb97)—ngesiSuthu nangesiXhosa
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002 (yb02)—ngesiNgisi, ngesiXhosa nangesiZulu
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004 (yb04)—ngesiNgisi, ngesiPutukezi, ngesiSuthu, ngesiXhosa nangesiZulu
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005 (yb05)—ngesiFulentshi, ngesiNgisi, ngesiPutukezi nangesiSuthu
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2006 (yb06)—ngesiFulentshi, ngesiNgisi, ngesiPutukezi, ngesiSuthu, ngesiTsonga nangesiZulu