IZaziso
◼ Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Noma iziphi izincwadi ezindala ibandla elinazo esitokweni, kuhlanganise nencwadi Ulwazi. Uma ningenazo, sicela nibuze amabandla aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala ezinqwabelene eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa incwajana ethi Hlalani Nilindile! Ngo-February: Sondela KuJehova.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma ibandla linenye i-akhawunti yasebhange, njengeyokunakekela noma yokwakha iHholo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba izimali ezikuleyo akhawunti nazo zibalwe. Uma lokhu sekwenziwe, kufanele ibandla laziswe embikweni wezimali olandelayo. Sicela amabandla afaké isicelo sokubhaliswa njengeziNhlangano Ezizuzisa Umphakathi (ama-PBO) athumele amarekhodi awo ezimali zebandla ka-September, October, no-November ehhovisi legatsha lapho izimali sezibaliwe. Sicela niwathumele kuyi-Accounting Office.
◼ Mbonisi owengamele: Sicela uqiniseke ukuthi umbiko we-Sabelo Sensimu Engabelwe (S-91) uyagcwaliswa bese uthunyelwa ehhovisi legatsha kanye nebalazwe laleyo nsimu. Lokhu kufanele kwenziwe engakadluli u-November 17, 2006. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Kufanele kusetshenziswe isitembu esifanele sezimvilophu ezinkulu.
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
Noah Walked With God—David Trusted in God—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika