Qhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo Usemnyango Noma Ngocingo
1. Siziqhuba ngayiphi injongo izifundo zeBhayibheli?
1 Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuqala isifundo seBhayibheli! Nokho, ukuthola othile onesithakazelo sokufunda iBhayibheli kumane nje kuyisiqalo. Injongo yesifundo iwukusiza umuntu abe umfundi wangempela kaKristu. (Math. 28:19, 20) Yini engasisiza ukuba sifinyelele lowo mgomo?
2. Siziqhuba kanjani izifundo zeBhayibheli simi emnyango kanye nangocingo, futhi kungani lezi zifundo ziphumelela?
2 Abantu Abamatasa: Namuhla abantu baya ngokuya beba matasa. Kwezinye izindawo, bangase babe mbalwa abantu abazimisele ukubekela eceleni ihora eligcwele lokufunda iBhayibheli lapho besaqala. Ukuze sisize abantu abanjalo, siye sakhuthazwa ukuba siqale futhi siqhube izifundo zeBhayibheli sisemnyango noma ngocingo. Ekuqaleni, lezi zifundo zingase zibe mfushane futhi kungaxoxwa ngemibhalo embalwa nje yeBhayibheli kusetshenziswa isigaba esisodwa noma ezimbili encwadini enjengethi Okufundiswa IBhayibheli. Yeka indlela okuncomeka ngayo ukuthi manje baningi abamemezeli abaqhuba izifundo ezinjalo bemi emnyango noma ngocingo!
3. Kungani kufanele silwele ukwandisa isikhathi sesifundo esisiqhuba sisemnyango?
3 Nokho, ingabe kufanele saneliswe ukuqhuba izifundo sisemnyango unomphela? Cha. Nakuba ngokuhlakanipha singahlali isikhathi eside lapho siqala isifundo, INkonzo Yethu YoMbuso ka-May 1990, ekhasini 4, yathi: “Lapho isifundo sesimisiwe futhi isithakazelo somninikhaya sesithuthukile, kungachithwa isikhathi esithé xaxa esifundweni.” Lokhu kubalulekile. Ngokwesibonelo: Umntwana obulawa indlala angase ekuqaleni aphiwe ingcosana yokudla kuze kube yilapho esekwazi ukudla kahle, kodwa asinakulindela ukuba abe namandla futhi akhule kahle uma ephiwa ukudla okuncane kanjalo isikhathi eside. Ngokufanayo, umfundi weBhayibheli udinga isifundo esivamile sasikhathi sonke ukuze akhule abe inceku kaNkulunkulu evuthiwe.—Heb. 5:13, 14.
4. Ziyini izinzuzo zokuqhubela isifundo seBhayibheli endlini?
4 Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya: Kutuswa ukuba isifundo siqhutshelwe endaweni engenaziphazamiso—endlini noma kwenye indawo efanelekayo. Lokhu kuyothuthukisa izinga lokufunda futhi kusize umfundi athole umqondo weZwi likaNkulunkulu. (Math. 13:23) Kuyovumela nomfundisi ukuba avumelanise isifundo nezidingo zomfundi. Ngaphezu kwalokho, ukufunda isikhathi esijana kuyovula ithuba lokucabangela iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela nangendlela eqinisa ukholo.—Roma 10:17.
5. Yini esingayenza ukuze isifundo esisiqhuba sisemnyango sibe isifundo esiqhutshelwa endlini?
5 Yini ongayenza ukuze isifundo singabe sisaqhutshelwa emnyango, kodwa sibe isifundo esiqhutshelwa endlini? Ngemva kokufunda kafushane izikhathi ezimbalwa, kungani ungasikiseli ngokuqondile ukufunda isikhathi esijana? Noma ungase ugudlisele ngokubuza umuntu ukuthi, “Unaso yini isikhathi namuhla sokuhlala phansi sixoxe ngale ndaba?” noma “Singakanani isikhathi ongathanda ukusichitha namuhla sixoxa ngale ndaba?” Uma imizamo yakho ingaphumeleli, qhubeka uqhuba isifundo isikhashana umi emnyango. Ngesikhathi esifanele, phinda uzame ukusishintsha sibe isifundo esiqhutshelwa endlini.
6. Inkonzo yethu kufanele siyifeze sinayiphi injongo, futhi ukusikisela okukulesi sihloko kungasisiza kanjani ukuba siyifinyelele?
6 Njengoba siqhubeka sifuna abafanelekayo, kwangathi singeyikhohlwe injongo yethu yokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Umgomo wethu uwukusiza abanhliziyo ziqotho babe izinceku zikaJehova ezizinikezele zabhapathizwa. Kwangathi angaqhubeka ebusisa imizamo yethu njengoba sifeza inkonzo yethu sinalo mgomo.—2 Thim. 4:5.