IZaziso
◼ Incwadi ezohanjiswa ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Njengoba u-April enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, uzoba inyanga ekahle kakhulu yokukhonza njengephayona elisizayo.
◼ ISikhumbuzo sizoba ngoLwesithathu, ngo-April 12, 2006. Uma ibandla lenu ngokuvamile liba nemihlangano ngoLwesithathu, kufanele iqhutshwe ngolunye usuku kulelo sonto lapho iHholo LoMbuso liyobe lingasetshenziswa khona. Uma lokhu kungenakwenzeka futhi kuzothinteka uMhlangano Wenkonzo, izinkulumo ezisebenza kakhulu ebandleni lakini zingase zihlanganiswe nomunye uMhlangano Wenkonzo.
◼ Amabandla kufanele akhiphe omagazini bamuva be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ngokushesha nje lapho befika. Lokhu kuzokwenza abamemezeli bakwazi ukubafunda ngaphambi kokuba babahambise enkonzweni yasensimini. INkonzo Yethu YoMbuso nayo kufanele ikhishwe ngokushesha nje lapho ifika. Ingase inikezwe abamemezeli eSifundweni Sencwadi Sebandla.
◼ Ngo-May kuzodingidwa i-video ethi Noah—He Walked With God eMhlanganweni Wenkonzo. Uma edingeka amakhophi ale video, kufanele a-odwe ebandleni ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Izincwadi Ezintsha Ze-Braille Ezitholakalayo:
Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! (Ipheshana No. 27)—ngesiNgisi esingu-Grade-two
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?—ngesiNgisi esingu-Grade-two
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! (Ipheshana No. 27)—ngesiBemba, isiBhunu, isiChewa, isiKhoekhoegowab, isiKwangali, isiKwanyama, isiNdonga, isiNgisi, isiPedi, isiPutukezi, isiShona, iSilozi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nangesiZulu
INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki—ngesiPedi
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?—ngesiBemba, isiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiKwangali, isiKwanyama, isiNdonga, isiNgisi, isiPedi, isiPutukezi, isiShayina Esilula (Pinyin), iSilozi, isiShona, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nangesiZulu
Lifundisani Ngempela IBhayibheli? (Uhlelo Olubhalwe Ngokugqamile)—ngesiBemba, isiChewa, isiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, isiShona nangesiZulu
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?—ngesiNgisi
◼ Ama-CD Amasha Atholakalayo:
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?—ngesiFulentshi nangesiNgisi