Jabulela Isifundo Sethu Sencwadi Ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
1 Isici esithakazelisayo seMihlangano Yesigodi ‘Yokulalela UNkulunkulu’ kwaba ukukhululwa kwencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngokushesha nje sizobe sisebenzisa yona kakhulu enkonzweni yethu yasensimini, ikakhulu lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngakho-ke kudingeka siyazi kahle le ncwadi entsha. Lokho kuzokwenzeka ngoba sizoyifunda eSifundweni Sencwadi Sebandla kusukela ngesonto lika-April 17, 2006.
2 Umbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla uyoqokomisa imibuzo esekuqaleni kwesahluko ngasinye. Isifundo siyobe sesiqhutshwa ngokusebenzisa imibuzo esekugcineni kwekhasi ngalinye. Kuyofundwa futhi kuxoxwe ngemiBhalo eyinhloko, futhi ibhokisi elithi “Lokho Okufundiswa IBhayibheli” elisekugcineni kwesahluko ngasinye liyoba usizo ekubukezeni ukwaziswa ngoba liqukethe izimpendulo ezingokomBhalo zemibuzo eyisethulo sesahluko ngasinye. Uyokujabulela ukuphendula ngoba le ncwadi inezihloko ezibhalwe ngendlela ecacile, elula futhi ethakazelisayo.
3 Isithasiselo sale ncwadi sinemininingwane yezihloko ezihlukahlukene. Sizokwazi ukusebenzisa lokhu kwaziswa uma izifundo zethu zeBhayibheli zidinga ukwaziswa okwengeziwe ngesihloko esithile. Ngezinye izikhathi kuyoxoxwa ngezingxenye ezithile zesithasiselo eSifundweni Sencwadi Sebandla. Konke ukwaziswa okusesithasiselweni kuyofundwa umuntu owabelwe ukufunda izigaba esifundweni sencwadi, kanti izihloko ezinde zingafundwa ngokwezingxenye. Isithasiselo asinayo imibuzo yesifundo. Kodwa ukuze abantu abakhona baphendule, umbonisi angabuza imibuzo eqokomisa amaphuzu abalulekile.
4 Le ncwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli izofundwa ngokushesha eSifundweni Sencwadi Sebandla. Akulindelekile ukuba senze okufanayo lapho siyifunda nabanye abantu, ikakhulu uma benolwazi oluncane noma bengenalo nhlobo ulwazi lweBhayibheli. (IzE. 26:28, 29) Lapho siqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, kuyodingeka sixoxe ngokuningiliziwe ngemiBhalo, sichaze imifanekiso, nokunye. Ngakho, zibekele umgomo wokuba khona isonto ngalinye futhi uhlanganyele ngokugcwele esifundweni sethu sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?