Bonisa Isithakazelo Kubantu—Ngokubuza Imibuzo Nangokulalela
1 Abantu abaningi bayakujabulela ukuveza imibono yabo kodwa abakuthandi ukushunyayezwa noma ukuhlonywa imibuzo sengathi bayaphenywa. Ngakho-ke, njengezikhonzi ezingamaKristu kudingeka sifunde ikhono lokusebenzisa imibuzo ukuze senze abantu baveze abakucabangayo.—IzAga 20:5.
2 Imibuzo yethu kufanele yenze abantu bafune ukuxoxa, ingabenzi bangakhululeki. Lapho eshumayela endlini ngendlu, omunye umzalwane uye abuze, “Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuthi abantu bahloniphane?” Kuye ngempendulo, ube esethi, “Ucabanga ukuthi yini okungadingeka yenzeke kuqala ukuze kwenzeke lokho?” noma “Yini ekwenza ucabange kanjalo?” Lapho eshumayela ngokwethukela nasezindaweni zomphakathi, omunye umzalwane ubuza abantu abanezingane, “Yini oyijabulela kakhulu ngokuba umzali?” Ube esebuza, “Yini ekukhathaza kakhulu?” Phawula ukuthi le mibuzo yenza abantu baveze imibono yabo ngaphandle kokubenza bangakhululeki. Njengoba izimo zihlukahluka, kungase kudingeke sishintshe umbuzo nendlela esiwubuza ngayo ukuze ufanelane nalabo abasensimini yethu.
3 Ukwenza Abantu Baxoxe: Uma abantu bezimisele ukukutshela lokho abakucabangayo, lalela ngesineke ungaphazamisi ngokungadingekile. (Jak. 1:19) Bonisa ngenhlonipho ukuthi uyakuzwa abakushoyo. (Kol. 4:6) Ungase umane uthi: “Ngiyajabula ukuzwa lokho. Ngiyabonga ngokungivezela umbono wakho.” Bancome uma ungakwenza ngobuqotho. Ngomusa, buza imibuzo eyengeziwe ukuze uthole abakucabangayo nokuthi kungani bezizwa ngendlela abazizwa ngayo. Funa into enivumelana ngayo. Lapho ufuna ukubabonisa umBhalo, ungase uthi, “Wake wacabanga ukuthi into enje ingenzeka?” Gwema ukuzwakala ungundlovu kayiphikiswa noma ukuqagulisana nabo.—2 Thim. 2:24, 25.
4 Ukuthi abanye basabela kanjani emibuzweni yethu kungase kuxhomeke kakhulu ekutheni thina silalela kanjani. Abantu bayabona uma silalele ngobuqotho. Omunye umbonisi ojikelezayo wathi, “Lapho abantu bebona ukuthi uzimisele ukubalalela ngesineke, bakhangeka ngendlela emangalisayo futhi lokhu kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa ukuthi unesithakazelo esiqotho kubo.” Ukulalela abanye kubonisa ukubahlonipha, futhi kungase kubenze bazilalele izindaba ezinhle esifuna ukubaxoxela zona.—Roma 12:10.