Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/05 k. 7
  • IZindaba Ezingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZindaba Ezingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 12/05 k. 7

IZindaba Ezingokwasezulwini

◼ Siyajabula ukumemezela ukuthi kunamanye amaHholo OMbuso ayisithupha anikezelwe. Yilawa: ElaseRheeder Park, ePostmasburg, eBethanie, eSterkstroom, eNgqeleni nelaseMasilo.

UJehova uyaqhubeka elubusisa uhlelo lokwakhiwa kwamaHholo OMbuso ensimini yethu. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2005 kwanikezelwa amaHholo OMbuso angu-40. Kusukela uqalile lo nyaka wenkonzo ka-2006, kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso amasha ayishumi, aselungele ukunikezelwa.

Siyabancoma bonke abaye bahlanganyela ngandlela-thile ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso futhi banezela kulo moya omuhle. Siyabonga kakhulu nangeminikelo yanyanga zonke esiyithola emabandleni yeSikhwama SamaHholo OMbuso. Ukukhokha kwamabandla ngokwethembeka nyanga zonke imali ayibolekwe yinhlangano kubalulekile ekunikezeni usizo oluqhubekayo.

Kwangathi sonke singaqhubeka siyisekela ngokugcwele iKomiti Yokwakha Yesifunda sethu. La makomiti okwakha afisa ukusheshisa umsebenzi wokwakha phakathi nonyaka wenkonzo ka-2006 ukuze asize amabandla angaba ngu-250 asadinga amaHholo OMbuso. Ngakho-ke, kudingeka amavolontiya engeziwe ukuze ivolontiya ngalinye lisebenze impelasonto eyodwa kuphela ngenyanga. Ingabe ikhona indlela ongasiza ngayo? Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke ebusisa yonke imizamo yokusiza amabandla adinga usizo.—Heb. 2:4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela