Lokho Okufezwa Inkonzo Yethu
1. UJehova uyibheka kanjani inkonzo yethu, futhi abantu basabela kanjani?
1 IZwi likaNkulunkulu lichaza amaKristu njengahamba ngomdlandla enkonzweni kaJehova njengokungathi asodwendweni lokunqoba. (2 Kor. 2:14-16) Njengoba sisakaza ulwazi ngoNkulunkulu, iminikelo yethu yenkonzo injengempepho emnandi kuJehova. Abanye abantu buyabakhanga ubumnandi bezindaba ezinhle; abanye bayazifulathela. Kodwa ukungasabeli kahle kweningi akusho ukuthi umsebenzi wethu awuyona impumelelo. Cabanga ngalokho okufezwa inkonzo yethu.
2. Inkonzo yethu isinikeza ithuba lokubonisani?
2 Ukudumisa UJehova: USathane ugomela ngokuthi abantu bakhonza uJehova ngezizathu zobugovu. (Jobe 1:9-11) Inkonzo yobuKristu isinikeza ithuba lokubonisa ukuthi ukuzinikela kwethu kuNkulunkulu kuqotho. Abamemezeli abaningi bayaqhubeka belalela umyalo wokushumayela nokwenza abafundi naphezu kobunzima umuntu ngamunye abhekana nabo noma ukunganaki kweningi labantu. Ukukhuthazela okunjalo ngobuqotho kwenza inhliziyo kaJehova ijabule!—IzAga 27:11.
3. Kungani kubaluleke kangaka ukuba siqhubeke senza igama likaNkulunkulu nenjongo yakhe kwaziwe?
3 Ngaphezu kwalokho, inkonzo yethu inendima ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Ngokuphathelene nokubhujiswa kwezwe likaSathane okuzayo, uJehova uthi: “Izizwe ziyokwazi ukuthi nginguJehova.” (Hez. 39:7) Ukuze izizwe zikwazi lokhu, kufanele izinceku zikaNkulunkulu ziqhubeke zimemezela igama lakhe nenjongo yakhe “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.”—IsAm. 14:6, 7.
4. Umsebenzi wokushumayela uba kanjani isisekelo sokwahlulelwa?
4 Isisekelo Sokwahlulelwa: Ukushumayela izindaba ezinhle kubuye futhi kunikeze isisekelo sokwahlulelwa. Umphostoli uPawulu wathi uKristu Jesu uyoletha impindiselo kulabo “abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thes. 1:8, 9) Abantu bayokwahlulelwa ngesisekelo sendlela abasabela ngayo ezindabeni ezinhle. Yeka ukuthi lokhu kubeka umthwalo wemfanelo omkhulu kangakanani emahlombe ezinceku zikaNkulunkulu! Ukuze sigweme ukuba necala legazi, akumelwe sizigodle ekusakazeni isigijimi soMbuso esisindisa ukuphila.—IzE. 20:26, 27.
5. Inkonzo yethu isibonakalisa kanjani isihe sikaNkulunkulu?
5 Imizamo yethu eqhubekayo yokusiza omakhelwane bethu ukuba bazuze umusa kaNkulunkulu ibonakalisa isihe sikaJehova. (1 Thim. 2:3, 4) Njengoba sazi ukuthi ukuphila kwabantu kuhlale kushintsha njalo, siya kubo ngokuphindaphindiwe futhi sibakhuthaze ukuba bafune uJehova isikhathi sisekhona. Ngokwenza kanjalo, sibonisa ‘ububele bukaNkulunkulu wethu,’ yena ‘ongafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ofisa ukuba bonke baphenduke.’—Luka 1:78; 2 Pet. 3:9.
6. Ukuhlale simatasa enkonzweni kaJehova kusizuzisa kanjani?
6 Siyazizuzisa Thina: Ukuhlale simatasa enkonzweni kaJehova kuyasivikela. Kusisiza ukuba sihlale ‘sikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova’ futhi sigweme ukungcoliswa isimiso sezinto samanje esibi. (2 Pet. 3:11-14; Thithu 2:11, 12) Ngakho-ke, kwangathi singaba “ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi [sinokuningi] kokukwenza emsebenzini weNkosi,” sazi ukuthi imizamo yethu enkonzweni yobuKristu ayilona ize.—1 Kor. 15:58.