IZaziso
◼ Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1991 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo, sicela nibuze emabandleni aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezinqwabelene ezindala eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa incwajana ethi Hlalani Nilindile!
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma kune-akhawunti yasebhange eseceleni, njengeyokulungisa noma yokwakha iHholo LoMbuso, kufanele kwenziwe amalungiselelo okubala nezimali ezikuleyo akhawunti. Uma sekuphelile ukubala, kufanele kwaziswe ibandla kuhlanganiswe nombiko wezimali olandelayo. Sicela amabandla acelé ukubhaliswa njenge-Public Benefit Organizations (PBOs) ukuba athumele umbiko wama-akhawunti awo ka-September, October noka-November ehhovisi legatsha ngemva kokubalwa kwezimali. Uma niyithumela bhalani emvilophini ukuthi Accounting Office.
◼ Mbonisi owengamele: Sicela uqiniseke ukuthi umbiko weSabelo Sensimu Engabelwe (S-91) uyagcwaliswa bese uthunyelwa ehhovisi legatsha kanye nebalazwe lensimu engabelwe. Lokhu kufanele kwenziwe kungakadluli u-November 15, 2005. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Kufanele nifake isitembu esifanele sezimvilophu ezinkulu.
◼ Ngo-January kuzodingidwa i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights eMhlanganweni Wenkonzo. Uma ningenawo amakhophi ale video ningawa-oda ngebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.