Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/05 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 7/05 k. 3

IZaziso

◼ Ngo-July nango-August: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32, ngaphandle kwethi OFakazi BakaJehova Nemfundo, Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?, nethi ‘Bona Izwe Elihle.’ Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.

◼ Kusukela ngo-September, ababonisi bezifunda bazonikeza inkulumo yeningi ethi “Kungani Kufanele Siqondiswe IBhayibheli?”

◼ Kutuswa ukuba izicelo zamaphayona avamile zithunyelwe ehhovisi legatsha kusasele okungenani izinsuku ezingu-30 ngaphambi kosuku lokuqala inkonzo. Unobhala webandla kufanele ahlole amafomu ukuze aqiniseke ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abafake izicelo bengasalukhumbuli usuku olunembile ababhapathizwa ngalo, kufanele baluhlawumbisele bese lugcinwa. Unobhala kufanele abhale lolo suku ekhadini le-Rekhodi Lommemezeli Lebandla (S-21).

◼ Onobhala bamabandla kufanele baqiniseke ukuthi banayo Incwadi Yokumiswa Kwephayona (S-202) yephayona elivamile ngalinye ebandleni. Uma kunencwadi engekho, sicela nibhalele ihhovisi legatsha.

◼ IZINCWADI ZEFA: Ngaphambi kokuphothula incwadi yefa ebhalise i-Watch Tower njengendlalifa, sicela niqale nithumele ikhophi yayo ehhovisi legatsha, kuyi-Estate Desk, ukuze kuqinisekiswe ukuthi ibhalwe kahle. Izincwadi zefa ngezinye izikhathi zibhalwa ngendlela eyenza kube umzukuzuku ukuziphothula. Ngemva kokuyisayina, sicela nithumele ikhophi yayo ehhovisi legatsha ukuze ilondolozwe khona.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2006 e-odeni lawo lezincwadi lika-July. Ningawa-odi amafomu alandelayo ngoba azothunyelwa nesitokwe samafomu ebandla saminyaka yonke: UMbiko Webandla (S-1), Izimvilophu Zamakhadi Ombiko (rce), IFomu Lokuthumela Iminikelo (S-20), UMbiko Wokubalwa Kwezimali Zebandla (S-25), IPhepha Lemali (S-26), nelithi UMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30). Sicela ningawasebenzisi budedengu amafomu. Kufanele asetshenziselwe injongo yawo kuphela.

◼ Okufanele kuphawulwe abaXhumanisi Bezincwadi: Lapho nishayela ihhovisi legatsha ucingo mayelana nezincwadi ezithunyelwe ngephutha, uma kungenzeka, sicela ukuba nibe niluphethe uhlu olubonisa izincwadi ezipakishiwe. Uma nibhala incwadi, sicela nithumele nalolu hlu lwezincwadi ezipakishiwe.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2005—Uhlelo Olubhalwe Ngokugqamile—ngesiChewa, isiNgisi, isiShona

◼ Ama-CD Amasha Atholakalayo:

Warning Examples for Our Day—ngesiNgisi

Watchtower Library—2004 Edition—ngesiNgisi nangesiPutukezi (SIZANI NIPHAWULE: Kusukela manje kuqhubeke isizophuma njalo ngonyaka.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela