Hlakulela Isithakazelo Ngomzila Kamagazini
1. Singawusebenzisa kanjani umzila kamagazini ukuze sihlakulele isithakazelo?
1 Abantu abaningi esihlangana nabo enkonzweni bayasamukela uma sibahambele futhi bazithatha ngenjabulo izincwadi zethu kodwa bayangabaza ukwamukela isifundo seBhayibheli esiqhubekayo. Enye indlela yokuhlakulela isithakazelo iwukusebenzisa umzila kamagazini. Lapho uhambisa umagazini, bhala phansi igama lomuntu nekheli, usuku omhambele ngalo, umagazini owuhambisile nomBhalo enixoxe ngawo kanye nokunye okuphawulile okungase kubonise izinto azithandayo. Njengoba uthola umagazini omusha, bheka amaphuzu azobathakazelisa labo abasemzileni wakho kamagazini bese uwakhulumela lapho ubavakashela. (1 Kor. 9:19-23) Ngokuhamba kwesikhathi, okuthile abakufunde komagazini bethu kungavusa isithakazelo futhi kubabangele ukuba bafune ukufunda okwengeziwe.
2. Kungani kuphuthuma ukuba abantu bafune uJehova manje, futhi yikuphi okunye esingakwenza ukuze sibasize?
2 Nokho, siyaqaphela ukuthi abantu abaningi ngeke babe izinceku zikaJehova ngokumane nje bazifundele omagazini. Njengoba kuphuthuma ukuba abantu bafune uJehova manje, yikuphi okunye esingakwenza ukuze sibasize? (Zef. 2:2, 3; IsAm. 14:6, 7) Singahlakulela isithakazelo ngokubafundela umBhalo esiwukhethe ngokucophelela njalo lapho sibahambisela umagazini.
3. (a) Singazilungiselela kanjani izingxoxo eziningi zomBhalo owodwa? (b) Iziphi izinto ezikhathaza kakhulu abantu abasensimini yenu?
3 Izingxoxo NgomBhalo Owodwa: Cabanga ngalabo abasemzileni wakho kamagazini bese ulungiselela izingxoxo ezisekelwe emBhalweni owodwa kuye ngokwesidingo salowo nalowo muntu. (Fil. 2:4) Ngokwesibonelo, uma othile esanda kushonelwa isihlobo sakhe, ungase uphindele kaningana ukuze nixoxe ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngesimo sabafileyo kanye nethemba lovuko. Amaphuzu asencwadini ethi Ukubonisana atholakala esihlokweni esithi “Ukufa” nesithi “Uvuko” angasetshenziswa lapho ulungiselela lezi zingxoxo zomBhalo owodwa. Ezinye izingxoxo ezihlobene nale ndaba, ezinjengokuthi kuyoqedwa kanjani ngokuphelele ukugula, ukuguga, nokufa, zingalandela ngokuzenzakalelayo. Umgomo uwukuthola indaba ethakazelisa umninikhaya bese simbonisa ngokuqhubekayo lokho okushiwo iBhayibheli ngaleyo ndaba.
4. Lapho sisebenzisa imiBhalo kungani kubalulekile ukuba sisize abanye baqonde, futhi singakwenza kanjani lokho?
4 Basize Baqonde: Nakuba ngokuvamile kukuhle kakhulu ukugcina lezi zingxoxo zilula futhi zimfushane, kudingeka okungaphezu kokumane nje ufunde umBhalo okhethiwe. USathane uye waphuphuthekisa izingqondo zabantu ukuze bangaziqondi izindaba ezinhle. (2 Kor. 4:3, 4) Ngisho nalabo abalijwayele iBhayibheli badinga usizo ukuze baliqonde. (IzE. 8:30, 31) Ngakho, yiba nesikhathi sokuchaza futhi ufanekise umBhalo, ngendlela obungenza ngayo enkulumweni oyibeka eSikoleni SeNkonzo Esingokwasezulwini. (IzE. 17:3) Qiniseka ukuthi lo muntu oxoxa naye uyakubona ukubaluleka kokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwakhe.
5. Umuntu osemzileni kamagazini angaphenduka kanjani abe isifundo seBhayibheli?
5 Uma umuntu ekujabulela lokho akufundayo, kancane kancane zelule lezo zingxoxo uhlanganise imiBhalo emibili noma emithathu ekuhambeleni kwakho ngakunye. Bheka ithuba lokwethula incwajana ethi Yini uNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi. Ngale ndlela, umuntu osemzileni kamagazini angagcina esengumfundi weBhayibheli.