IZaziso
◼ Ngo-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Hlalani Nilindile! Ngo-July no-August: Noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32, ngaphandle kwethi OFakazi BakaJehova Nemfundo, Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?, nethi “Bona Izwe Elihle.”
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma kune-akhawunti yasebhange eseceleni, njengeyokulungisa noma yokwakha iHholo LoMbuso, kufanele kwenziwe amalungiselelo okubala nezimali ezikuleyo akhawunti. Uma sekuphelile ukubala, kufanele kwaziswe ibandla kuhlanganiswe nombiko wezimali olandelayo.
◼ SIZA UPHAWULE: Lapho ushayela ihhovisi legatsha ucingo, sicela ukhumbule lokhu okulandelayo: (1) Ngaphandle kwalapho kunesimo esiphuthumayo, uma ushayela ucingo amalungu omkhaya waseBethel sicela ukwenze lokho ngemva kwesikhathi somsebenzi. (2) Uma ushaya ucingo maqondana nenkinga noma ufuna ukubuza okuthile, sicela usho ngokucacile ukuthi ushaya ukuphi kanye nendaba ofisa kuxoxwe ngayo. Asibakhuthazi abadala ukuba bacele umzalwane othile ngoba kungenzeka ukuthi sewabelwe komunye umnyango noma usuke engatholakali ukuze anisize. Umuntu obamba izingcingo angakudlulisela emnyangweni ofanele ozokusiza. Sicela uzame ukwenza ingxoxo yakho ibe mfushane ngangokunokwenzeka ukuze kongiwe isikhathi esibalulekile. (3) Uma unenkinga ongathanda ukuba ixazululwe, sicela uqale uyixoxe nabadala basebandleni lakho ngaphambi kokuba ushayele ihhovisi legatsha. Basesimweni esihle kakhulu sokukusiza emibuzweni noma ezinkingeni onazo. Ngaphandle kwalapho kuyindaba ephuthumayo, sinikhuthaza NONKE, kuhlanganise nabadala, ukuba nibhale incwadi eveza inkinga eninayo. Siyokujabulela ukuyicabangela ngokushesha leyo nkinga.—Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso, ka-December 1992, ikhasi 7.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Elementary Bible Teachings—ngesiKwangali
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
They Bore Thorough Witness to the Good News—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika