Ongakusho NgoMagazini
INqabayokulinda Feb. 15
“Ngezinye izikhathi siye sizwe kubikwa ukuthi kwenzeke isimangaliso esithile. [Yisho isibonelo.] Abanye abantu bayayikholelwa le mibiko. Kanti abanye bayayingabaza. Lo magazini uhlola ukuthi zénzeka ngempela yini lezi zimangaliso ezibikwe eBhayibhelini nokuthi ziyenzeka yini lezi zinto namuhla.” Funda uJeremiya 32:21.
INqabayokulinda Mar. 1
“Ingabe ucabanga ukuthi umhlaba ubuyoba indawo engcono ukube wonke umuntu ubesebenzisa lesi seluleko? [Funda eyabaseRoma 12:17, 18 bese ulindela impendulo.] Kuyadabukisa ukuthi ngezinye izikhathi abantu bayaye bangaboni ngaso linye. Lo magazini ubonisa ukuthi ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kungasisiza kanjani ukuba sixazulule izingxabano senze kube nokuthula futhi.”
Phaphama! Mar. 8
“Unyaka ngamunye isidingo semithombo yamandla siya sikhula. Ucabanga ukuthi bekuyokwenzekani ukube bekungathi ngolunye usuku kuthiwe iphelé nya imithombo yamandla? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngentuthuko esiyenziwe ekutholeni imithombo yamandla ethé ukuhlanzeka. Ubuye uveze noMthombo wangempela wamandla.” Funda u-Isaya 40:26.
“Ezikhathini zamandulo, uNkulunkulu wayala abantwana ukuba bahloniphe onina noyise. [Funda u-Eksodusi 20:12.] Ingabe ucabanga ukuthi omama bayahlonishwa ngempela namuhla? [Lindela impendulo.] Lo magazini uhlola izinselele omama ababhekana nazo emazweni ahlukahlukene nendlela abazinqoba ngazo.”