Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
Kulo nyaka iSikhumbuzo singoLwesine, ngo-March 24. Abadala kufanele baqikelele lokhu okulandelayo:
◼ Lapho nimisa isikhathi somhlangano, qinisekani ukuthi izifanekiselo azihanjiswa lingakashoni ilanga.
◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele aziswe isikhathi nendawo enembile yalo mkhosi.
◼ Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bhekani INqabayokulinda ka-February 15, 2003, kk. 14-15.
◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanele nendwangu yalo kufanele kulethwe ehholo futhi kuhlelwe ngaphambi kwesikhathi.
◼ IHholo LoMbuso nanoma iyiphi indawo okuzohlanganwa kuyo kufanele ihlanzisiswe ngaphambi kwesikhathi.
◼ Abalindi kanye nabazohambisa izifanekiselo kufanele bakhethwe kusengaphambili futhi bachazelwe kahle ngemisebenzi yabo, ngendlela efanele okumelwe benze ngayo nangesidingo sokugqoka nokuzilungisa ngendlela ehloniphekile.
◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuhambisa izifanekiselo kwabagcotshiwe abangakwazi ukuba khona ngenxa yokuba buthaka emzimbeni.
◼ Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kufanele amabandla abambisane ukuze kugwenywe ukuminyana okungadingekile ezindaweni zokungena, okuhamba kuzo umphakathi nasendaweni yokupaka.