IZaziso
◼ Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1990 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi esitokweni, sicela nibuze amabandla aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezinqwabelene ezindala eningazisebenzisa. Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngo-February kuze kube ngo-March 6, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi entsha ethi “Yenza Ngokuhlakanipha Ezweni Elingenangqondo.”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekile okugubha iSikhumbuzo salo nyaka ngoLwesine, ngo-March 24, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase iqale lingakashoni ilanga, ukudlulisela izifanekiselo akufanele kuqale lingakashoni ilanga. Buzani emithonjeni yezindaba yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Kuyafiseleka ukuba ibandla ngalinye ligubhe iSikhumbuzo endaweni yalo lodwa. Nokho, lokhu kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho amabandla amaningana esebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe elinye noma amanye angasebenzisa esinye isakhiwo ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba kube nemizuzu engengaphansi kwengu-40 ngemva komhlangano ngamunye ukuze bonke bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo. Kufanele kucatshangelwe nokuminyana kwezimoto nendawo yokupaka, kuhlanganise nokwehlisa nokuthatha abagibeli. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi imaphi amalungiselelo azolilungela kangcono kakhulu ibandla.
U-April 16, 2005, uzoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale kusemanje ukuhlela ukuze nihlanganyele ngokugcwele kulo nyaka. Amabandla kufanele awafake ngokushesha ama-oda akhethekile kamagazini.