Ingxenye 4: Ukuqeqesha Abafundi Ukuba Balungiselele
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Umfundi osifundayo isifundo kusengaphambili, adwebele izimpendulo, futhi acabange ngokuthi uzozisho kanjani ngamazwi akhe kufanele athuthuke ngokushesha ngokomoya. Ngakho, uma seniqalile ukufunda njalo, lungiselelani isifundo esithile ndawonye ukuze ubonise umfundi ukuthi kwenziwa kanjani. Abafundi abaningi kuyobasiza ukulungiselela nabo isahluko noma isifundo sonke.
2 Ukudwebela Nokubhala Eceleni: Chaza ukuthi zitholakala kanjani izimpendulo eziqondile zemibuzo ebhaliwe. Bonisa umfundi incwadi yakho eniyifundayo odwebele kuyo amagama noma amabinzana ayinhloko kuphela. Njengoba nilungiselela, angase afune ukulandela isibonelo sakho, adwebele kuphela lokho okuzomsiza akhumbule impendulo. (Luka 6:40) Yibe usumcela ukuba asho impendulo ngamazwi akhe. Lokhu kuzokusiza ubone ukuthi uyiqonda kahle kangakanani indaba.
3 Ingxenye ebalulekile yokulungiselela komfundi isifundo ukuhlolisisa imiBhalo engacashuniwe. (IzEnzo 17:11) Msize abone ukuthi ngamunye umBhalo okhonjiwe usekela iphuzu elithile esigabeni. Mbonise ukuthi angabhala kanjani kafushane eceleni encwadini yakhe. Gcizelela kuye iqiniso lokuthi isisekelo salokho akufundayo yiBhayibheli. Mkhuthaze ukuba akhulumele imiBhalo eminingana uma senifunda.
4 Ukuhlola Nokubukeza: Ngaphambi kokuba umfundi aqale ukusilungiselela isifundo ngokuningiliziwe, kuzomsiza ukuba ahlole ukuthi indaba ikhuluma ngani. Veza ukuthi indaba angayihlola ngokucabangela kafushane isihloko sayo, izihlokwana nezithombe. Mchazele ukuthi ngaphambi kokuba aphethe ukulungiselela, kungaba ukuhlakanipha ukubukeza amaphuzu ayinhloko avezwe esifundweni, mhlawumbe esebenzisa ibhokisi lokubukeza uma likhona. Ukuphindaphinda okunjalo kuyomsiza ukuba akubambe lokho kwaziswa.
5 Ukuqeqesha umfundi ukuba asilungiselele kahle isifundo sakhe kuyomsiza anikeze izimpendulo ezakhayo emihlanganweni yebandla. Kuyomsiza nokuba abe nemikhuba yokutadisha eyoba usizo ngisho noma engasafundelwa.