Izingelosi Ziyasisiza
1 “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” Yeka indlela akhuthaza ngayo lawo mazwi kubo bonke abalalela umyalo kaJesu, othi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi”! (Math. 28:18-20) Enye indlela ebalulekile uJesu aba ngayo namaKristu eqiniso iwukusebenzisa izingelosi zakhe. (Math. 13:36-43) Yeka ukuthi kuvusa amadlingozi kanjani ukumemezela ‘izindaba ezinhle zaphakade’ kanye nalezi zidalwa zomoya ezithembekile!—IsAm. 14:6, 7.
2 Enkonzweni Yethu: IBhayibheli lembula ukuthi izingelosi zithunyelwa “ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa.” (Heb. 1:14) Ekhulwini lokuqala, izingelosi zazihilelekile ekuqondiseni abalandeli bakaJesu kulabo abafanelekayo. (IzE. 8:26) Namuhla, izinceku zikaNkulunkulu ziyaqhubeka zibona ubufakazi bokuqondisa kwezingelosi. Kaningi, abaninikhaya baye bathi babethandazele usizo lapho uFakazi ebavakashela. Yeka indlela esijabula ngayo, kanye nezingelosi, lapho abanjalo besilalela isigijimi soMbuso!—Luka 15:10.
3 Lapho Sibhekene Nokuphikiswa: UDaniyeli, abangane bakhe abasebasha abangamaHebheru, umphostoli uPetru nabanye abaningi ababhekana novivinyo olukhulu basibona isivikelo sikaJehova ngosizo lwezingelosi, ‘ezinamandla amakhulu.’ (IHu. 103:20; Dan. 3:28; 6:21, 22; IzE. 12:11) Nakuba ngezinye izikhathi singaba nomuzwa wokungabi nasivikelo lapho sibhekene nokuphikiswa, singakhuthazwa indaba yenceku ka-Elisha eyabona ukuthi “baningi abanathi kunabanabo.” (2 AmaKh. 6:15-17) Ngisho noma sihlukaniswe ngempoqo nabafowethu abangamaKristu, akudingeki siphelelwe ithemba. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo.”—IHu. 34:7.
4 Ngokushesha ibutho lezingelosi liyophuma ligibele amahashi lisuse konke okumelene nobukhosi bukaKristu. (IsAm. 19:11, 14, 15) Njengoba sisalindele lolo suku, kwangathi singaqhubeka sidumisa uJehova ngesibindi, siqiniseka ngokugcwele ngokuthi amabutho asezulwini anamandla aqondiswa uKristu ayosisekela.—1 Pet. 3:22.