Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 28, 2004. Umqhubi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-May 3 kuya ku-June 28, 2004. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi Isikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Yiziphi izici ezingase zenze singakwazi ukukhuluma ngendlela esangxoxo noma sizwakale sinenhlonipho ngokweqile lapho sisendaweni yesikhulumi? [be-ZU k. 179 isig. 4]
2. Kungani ukuthuthukisa isimo sezwi lethu kungeyona nje indaba yokumane uphefumule ngokufanele, ukhulule nemisipha ebophene? [be-ZU k. 181 isig. 2]
3. Lapho sikhuluma nabanye ngamaqiniso eBhayibheli, iziphi izinyathelo eziwusizo esingazithatha ukuze ‘sibe yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo’? (1 Kor. 9:20-23) [be-ZU k. 186 izig. 2-4]
4. Kuhilelani ukulalelisisa enkonzweni yethu? [be-ZU k. 187]
5. Kungani kubalulekile ukubahlonipha bonke esihlangana nabo enkonzweni yethu? [be-ZU k. 190]
ISABELO NO. 1
6. Uyini umgomo walabo abafundisa izinto ezingokomoya, futhi yini engasisiza ukuba sifinyelele lo mgomo? (Math. 5:16; Joh. 7:16-18) [be-ZU k. 56 isig. 3–k. 57 isig. 2]
7. Kungani kusiza ukuqhathanisa lapho ufundisa, futhi uJesu wayisebenzisa kanjani le ndlela yokufundisa? [be-ZU k. 57 isig. 3; k. 58 isig. 2]
8. Ngokuphambene nabaFarisi, izimfundiso zikaJesu zazithinta kanjani izinhliziyo zabantu? [be-ZU k. 59 izig. 2-3]
9. Singabasiza kanjani labo esibafundisayo ukuba bakusebenzise lokho abakufundayo, ngaphandle kokubenzela izinqumo? [be-ZU k. 60 izig. 1-3]
10. Kufanele sibaphendule kanjani abanye ezindabeni ezidinga ukuba umuntu azenzele yena isinqumo? [be-ZU k. 69 izig. 4-5]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Kungani kwakudingekile ukuba uMose alandele eduze ‘isifanekiso setabernakele nesifanekiso sayo yonke impahla yalo’? (Eks. 25:9) [it-2 k. 1058 isig. 7]
12. Yini esingayifunda endleleni u-Aroni aphendula ngayo uMose mayelana nendaba yethole legolide? (Eks. 32:24)
13. Yini esingayifunda ekuboniseni kwama-Israyeli ukholo ngokulalela umyalo kaJehova oku-Eksodusi 34:23, 24?
14. Yayiyini injongo yomhlatshelo wenhlanganyelo? (Lev. 3:1)
15. Inqubo yokumiswa kuka-Aroni esikhundleni, elotshwe kuLevitikusi 8:23, iyifanekisela kanjani inkambo kaJesu? [it-2 k. 1113 isig. 4; w69-ZU 1/1 k. 11 isig. 24 (w68 k. 399 isig. 24)]