IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Amabandla alandelayo akujabulela ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo amasha: iBoitumelo, eMolelema (eBloemhof), neThamoanchi (eKuruman). Sijabula nawo njengoba eqhubeka ethuthukisa izithakazelo zoMbuso.
◼ ENingizimu Afrika abamemezeli abangu-9 282, basemabandleni angu-426, bahlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe, bahambisa izincwadi ezingu-5 055, izincwajana ezingu-40 331 nomagazini abangu-55 231. Basebenza amahora angu-77 983, benza izimpindelo ezingu-6 580, baqhuba nezifundo zeBhayibheli ezingu-1 594.
Amaphayona akhethekile esikhashana angu-29, akhonza nangesikhathi somkhankaso wensimu engabelwe, ahambisa izincwadi ezingu-751, izincwajana ezingu-5 801 nomagazini abangu-2 837. Asebenza amahora angu-12 534, enza izimpindelo ezingu-3 971 aqhuba nezifundo zeBhayibheli ezingu-682. Umbhangqwana owabuyela ensimini owawuyisebenze ngo-2002 wathi wajabula lapho uthola ukuthi ezine zezifundo zawo zeBhayibheli owawuzithole ngonyaka owawandulele, zazithuthuke kahle futhi zisulile nasesontweni lazo. Ezimbili zingabamemezeli ababhapathiziwe manje kanti esinye siye sathi sifuna ukubhapathizwa.