IZaziso
◼ Isipho ngo-May: Hambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho uphindela kubantu abathakazelayo, okungase kuhlanganise ukuhambela labo ababa khona eSikhumbuzweni noma kwezinye izenzakalo zokukhulekela kweqiniso kodwa abangakazihlanganisi nenhlangano, gxila ekuhambiseni incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu. Kufanele kwenziwe yonke imizamo yokuqala isifundo seBhayibheli sasekhaya, ikakhulu uma abantu sebeyifundile kakade incwadi Ulwazi nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ngo-June: Funda KuMfundisi Omkhulu. Uma umuntu ethi akanazo izingane, hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Lapho usebenzisa le ncwajana, gxila ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi incwajana, ngaphandle kwethi Imfundo nethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisani ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Imihlangano yesigodi elandelayo isishintshiwe:
DECEMBER 3-5:
EGaborone (isiNgisi) Izinsuku ezintsha
DECEMBER 4-5:
ERundu (isiKwangali) Izinsuku ezintsha
DECEMBER 10-12:
EVereeniging (isiSuthu/isiZulu) Izinsuku ezintsha
DECEMBER 24-26:
EGiyani (isiTsonga) Umhlangano omusha
EKimberley (isiTswana) Umhlangano omusha
EKlerksdorp (isiTswana) Awusekho
EPhalaborwa (isiTsonga) Awusekho
DECEMBER 31, 2004 –JANUARY 2, 2005:
EMmabatho (isiTswana) Umhlangano omusha
◼ Ama-Compact Disc Amasha Atholakalayo:
Funda KuMfundisi Omkhulu—NgesiNgisi