Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/04 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 1/04 k. 3

IZaziso

◼ Isipho ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1988 okungenzeka ibandla linayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi, sicela nibheke emabandleni aseduze ukuthi awanazo yini ezindala eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu noma Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-February: Sondela KuJehova. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Uma abantu sebenayo kakade le ncwadi, kungahanjiswa ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! Ngo-April: Hambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokwahlukana. Lapho uphindela kubantu abanesithakazelo, hlanganisa nalabo ababa khona eSikhumbuzweni noma kwezinye izenzakalo ezikhethekile kodwa abangahlanganyeli ezicini zenhlangano. Gxila ekuhambiseni incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu. Kufanele kwenziwe wonke umzamo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya, ikakhulukazi uma abanye sebeyifundile incwadi ethi Ulwazi nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?

◼ Kusukela ngo-February, engakadluli u-March 7, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi entsha ethi “Izindinganiso Zikabani Ozazisayo?”

U-April 3, 2004, uzoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuba nengxenye oSukwini Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale kusemanje ukuhlela ukuze nihlanganyele ngokugcwele kulo nyaka. Amabandla kufanele awafake ngokushesha ngangokunokwenzeka ama-oda akhethekile kamagazini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela