Singabasiza Kanjani Abangakholwa Abashade NoFakazi?
1 Izinceku eziningi zikaJehova zishade nabantu abanobungane kubazalwane nasebandleni kodwa abangaphumeli obala babe izinceku zikaNkulunkulu. Umyeni womunye udade wavuma: “Indaba yokungena umuzi nomuzi yayiyisithiyo esikhulu kimi.” Kungenzeka ukuthi abanye banemikhuba engqubuzana nemiBhalo okudingeka bayiyeke, noma kungenzeka bacabanga ukuthi ngeke bakwazi ukuzigcina zonke izinto eziningi ezingokomoya ezenziwa yilabo abashade nabo. Singabasiza kanjani?
2 Bonisa Isithakazelo: Ukuba nesithakazelo kwabanye nokubona izinto ezibakhathazayo kungase kuvule indlela yokuba bamukele iqiniso leBhayibheli. (Fil. 2:4) Labo ngaphambili ababengakholwa bavame ukukhuluma ngesithakazelo esasiboniswa abanye oFakazi kubo. Umyeni kadade ocashunwe ngenhla wathi: “UJosé, ongumdala ebandleni, wayengikhathalela ngokukhethekile. Ngicabanga ukuthi nguye owangikhuthaza ukuba ekugcineni ngiqale ukutadisha ngokuzimisela.” Umyeni womunye udade ukhumbula ukuthi abazalwane ababemvakashela babezama ukukhuluma ngezinto ezithandwa nguye. Wathi: “Ngaqala ukuyibheka ngamanye amehlo inkolo [yomkami]. Abangane bakhe babengabantu abakhaliphile ababekwazi ukukhuluma ngezinto ezihlukahlukene.”—1 Kor. 9:20-23.
3 Siza Ngokoqobo: Abangakholwa abashade noFakazi bangase futhi bahlatshwe umxhwele ukusizwa ngomusa. (IzAga 3:27; Gal. 6:10) Lapho umyeni kadade ongakholwa efelwe imoto, uFakazi osemusha wamsiza. Uyakhumbula: “Lokho kwangihlaba umxhwele ngempela.” Omunye umzalwane wasebenza usuku lonke esiza umyeni kadade ongakholwa ebiyela umuzi wakhe. Njengoba babesebenza futhi bexoxa, kwakheka ubungane. Ngemva kwamasonto amabili, le ndoda yaya kumzalwane yathi: “Sekuyisikhathi sokuba ngenze ushintsho oluthile ekuphileni kwami. Ungafunda nami iBhayibheli?” Wathuthuka ngokushesha futhi manje unguFakazi obhapathiziwe.
4 Njengoba siqhubeka sifuna abafanelekayo ensimini yethu, masiqhubekeni sisiza labo abashade noFakazi esikholwa nabo.—1 Thim. 2:1-4.