Ukuhlakanipha Okuvela KuNkulunkulu Kubaluleke Kakhulu
1 Abanye abantu bacanga ukuthi imizamo oFakazi BakaJehova abayenzayo kufanele iqondane ngqo nokusiza ekunciphiseni izinkinga isintu esibhekana nazo namuhla. Laba bantu bayahluleka ukubona ukubaluleka okukhulu komsebenzi wethu wokufundisa iBhayibheli. Kunjengoba umphostoli uPawulu abhala: “Inkulumo ephathelene nesigxobo sokuhlushwa iwubuwula kwababhubhayo, kodwa kithi esisindiswayo ingamandla kaNkulunkulu.” (1 Kor. 1:18) Ngempela, siyazi ukuthi inkonzo yobuKristu iwumsebenzi obaluleke kunayo yonke eyenziwa emhlabeni namuhla.
2 Ukuphila Okungcono Manje: Imizamo yabantu yokuxazulula izinkinga zesintu iye yaba nemiphumela emincane kakhulu. Imithetho eshaywayo ayikunqandanga ukudlondlobala kobugebengu. Izivumelwano zokuthula namasosha okugcina ukuthula akuyiqedanga impi. Izinhlelo zomphakathi zehlulekile ukuqeda ubumpofu. (IHu. 146:3, 4; Jer. 8:9) Ngokuphambene, isigijimi soMbuso siye sashintsha ukuphila kwabantu abayizigidi ngokubasiza ukuba bagqoke ubuntu obusha obamukelekayo kuNkulunkulu. (Roma 12:2; Kol. 3:9, 10) Ngenxa yokwenza kanjalo, kwamanje bajabulela ukuphila okungcono.—1 Thim. 4:8.
3 Ikusasa Eliqhakazile: Ngaphezu kokusisiza sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zamanje zokuphila, ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kusenza sikwazi ukulihlelela kahle ikusasa. (IHu. 119:105) Kuyasivikela ekwenzeni imizamo eyize yokushintsha lesi simiso sezinto. (UmSh. 1:15; Roma 8:20) Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuthi asisichithi isikhathi sethu sifuna ukubamba utalagu! Kunalokho, imizamo yethu siyigxilisa esithembisweni sikaJehova esiqinisekile ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ okuyohlala kuwo ukulunga. Lapho usuku lukaJehova lokwahlulela lufika, nakanjani kuyohlaluka ukuthi labo ababethembela ekuhlakanipheni okuvela kuNkulunkulu babekhethe kahle.—2 Pet. 3:10-13; IHu. 37:34.
4 Nakuba ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungase kubonakale kungenangqondo kulabo abagxile kakhulu ‘ekuhlakanipheni kwalesi simiso sezinto,’ empeleni yikona kuphela okunengqondo. (1 Kor. 1:21; 2:6-8) Ngakho, siyaqhubeka simemezela emhlabeni wonke isigijimi esivela kuNkulunkulu, okunguye “yedwa ohlakaniphileyo.”—Roma 16:27.