Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Dec. 15
“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngokuzalwa kukaJesu. Ingabe wake wazibuza ukuthi uJesu wakhulela emkhayeni onjani? [Lindela impendulo bese ufunda uLuka 2:51, 52.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngezifundo eziwusizo esingazifunda emlandweni weBhayibheli okhuluma ngokukhuliswa kukaJesu.”
INqabayokulinda Jan. 1
“Abantu abaningi balangazelela ukuthula emhlabeni. Ucabanga ukuthi siyoke sikubone ukugcwaliseka kwala mazwi? [Funda amaHubo 46:9 bese ulindela impendulo.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngendlela lokhu okuyokwenziwa ngayo nangokuthi kungani singasethemba isithembiso sikaNkulunkulu somhlaba ongenayo impi.”
Phaphama! Jan. 8
“Sonke sifisa ukubona izingane zethu zijabule futhi ziphumelela ekuphileni. Ucabanga ukuthi yini izingane eziyidinga kakhulu ukuze zibhekane naleli zwe lanamuhla elicindezelayo? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 22:6.] Le Phaphama! ikhuluma ngalokho izingane ezikudingayo nokuthi abazali bangazinikeza kanjani lezi zinto.”
“Emhlabeni wonke, izigidi zabantu zihlushwa imizwelo eguquguqukayo, enjengokucindezeleka nokuphazamiseka kwengqondo. UMdali wethu ubakhathalela ngokujulile labo bantu. [Funda amaHubo 34:18.] Lo magazini ukhuluma ngokuthi bangasizwa kanjani. Ukhuluma nangesithembiso seBhayibheli sokuthi ngokushesha konke ukugula kuzoqedwa.”