Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/03 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 11/03 k. 3

IZaziso

◼ Isipho ngo-November: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma abantu sebenazo lezi zincwadi, kungahanjiswa ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso noma enye incwadi endala. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma ungahambisi yona, ungasebenzisa ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli noma ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ingahanjiswa uma ibandla linayo esitokweni. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1988 ibandla elinayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi, sicela nibheke emabandleni aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala eningazisebenzisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angahambisa ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu noma ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-February: Sondela KuJehova.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma lokhu sekwenziwe, yazisa ibandla ngemva kokuba umbiko wezimali olandelayo usufundiwe.

◼ Umbonisi owengamele kumelwe athumele ehhovisi legatsha umbiko i-Unassigned Territory Assignment (S-91) kanye nanoma yikuphi okuthakazelisayo okwenzekile ngaphambi kuka-November 19, 2003. Sicela uqiniseke ukuthi usebenzisa isitembu esifanele emvilophini enkulu.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ka-2003 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Le miqulu izotholakala ngesiCroatia, isiDashi, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiKorea, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPolish, isiPutukezi, isiRomania, isiRussia, isiShayina nangeSpanishi. Kuze kube yilapho le miqulu isitholakala futhi isithunyelwe, kuyothiwa “Isazothunyelwa” ohlwini lwezincwadi ezithunyelelwa ibandla. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokukhethekile.

◼ Unobhala kufanele aqikelele ukuthi Umnikelo Womshuwalense WeHholo LoMbuso waminyaka yonke ukhishwa ngokushesha ngemva kokuba azisiwe ukuthi kufanele kukhokhwe malini ekuqaleni konyaka. Kwelinye iHholo LoMbuso uphahla lwaphephuka futhi ibandla lazisola ngokuthi lalingazange liwukhiphe umnikelo walo waminyaka yonke iminyaka emihlanu. Uma ibandla lingakwazi ukukhokha isamba, malaziswe ngale ndaba njengoba kusemahlombe alo ukukhokha le mali, bese linquma imali ethile elizoyikhipha ukuze kuthi lapho unyaka uphela libe seliyikhokhe yonke.

◼ Amabandla angakawa-odi ama-Advance Medical Directive/Release Card nama-Identity Card kufanele enze kanjalo e-odeni lawo lezincwadi lika-December. Sicela ni-ode ngamaqoqo angama-20. Ningawakhiphi la makhadi. Wagcineni kuze kube yilapho nithola iziyalezo futhi kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.

◼ Amabandla angakwazi ukuthola umshini wokudlala i-video kufanele aqiniseke ukuthi ayayithola okungenani ikhophi eyodwa ye-video ethi Meeting Patients Needs and Rights (vcnr-E) okuzoxoxwa ngayo enkulumweni ezoba seMhlanganweni Wenkonzo ngo-January.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Kunoshintsho emhlanganweni wesigodi olandelayo:

January 3, 4, 2004:

EKatima Mulilo (isiNgisi/iSilozi)

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila—ngesiNdonga

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela