Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/03 k. 1
  • Siphathiswe Izindaba Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siphathiswe Izindaba Ezinhle
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Isimiso Esisha Sosuku LoMhlangano Okhethekile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 5/03 k. 1

Siphathiswe Izindaba Ezinhle

1 Alive lilikhulu leli lungelo esinalo lokuphathiswa izindaba ezinhle zikaNkulunkulu! (1 Thes. 2:4) Nakuba abanye bengase basenqabe lesi sigijimi esinamandla, abanhliziyo ziqotho sibaheha njengephunga elimnandi. (2 Kor. 2:14-16) Kwabazamukelayo futhi bazilalele, izindaba ezinhle zisho ukusindiswa. (Roma 1:16) Yini okufanele siyenze ngalezi zindaba ezinhle esiziphathisiwe?

2 UJesu Nabaphostoli: Ukumemezela izindaba ezinhle kwakuza kuqala kuJesu. (Luka 4:18, 43) Ngisho nalapho ekhathele futhi elambile, uthando lwakhe ngabantu nokusazisa kwakhe lesi sigijimi kwamenza ukuba asitshele abanye. (Marku 6:30-34) Ngesenzo nangesibonelo, wagcizelela ezingqondweni zabafundi bakhe ukubaluleka komsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—Math. 28:18-20; Marku 13:10.

3 Belingisa uJesu, abaphostoli basimemezela ngentshiseko isigijimi soMbuso. Ngisho nalapho beshaywa futhi beyalwa ukuba bayeke ukushumayela, “baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” (IzE. 5:40-42) Umphostoli uPawulu wazikhandla kulo msebenzi. (1 Kor. 15:9, 10; Kol. 1:29) Leli lungelo lokutshela abanye izindaba ezinhle walifanisa nesikweletu ayesikweleta abanye abantu, futhi wayezimisele ukudela ukuthokomala ukuze asikhokhe.—IzE. 20:24; Roma 1:14-16.

4 Yilungelo Esinalo Nathi Namuhla: Ukuwazisa kwethu lo msebenzi ongcwele esiwuphathisiwe kuyosenza sifune izindlela zokwandisa ingxenye yethu emsebenzini wokushumayela. (Roma 15:16) U-Edward, owayehamba ngesihlalo sabakhubazekile, wayehlala phambi komnyango wehhotela akhulume nabantu abahlala khona ngokholo lwakhe. Nokho, ngenxa yokuthi wayefisa ukwenza okwengeziwe, wacela ukuba akhelwe igumbi elikhethekile elolini, wayesephayona ngalo leli loli iminyaka eminingi, ehamba amakhilomitha amaningi. Njengo-Edward, abaningi namuhla baye balungisa izimo zabo ukuze bahlanganyele kakhudlwana ekusakazeni izindaba ezinhle.

5 Kwangathi nathi namuhla singalingisa uJesu nabaphostoli senze umsebenzi wokushumayela uze kuqala ngaso sonke isikhathi ekuphileni kwethu. Ngokwenza kanjalo, sibonisa uthando lwethu ngabantu nokwazisa kwethu ngalezi zindaba ezinhle esiziphathisiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela