Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/03 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 3/03 k. 7

IZaziso

◼ Isipho ngo-March: Hambisa incwadi Ulwazi, wenze umzamo wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-April nango-May: Hambisa kokubili INqabayokulinda ne-Phaphama! ngokwahlukana. Abamemezeli kufanele bakuveze kubaninikhaya ukuthi uma bengathanda bangawunikelela umsebenzi owenziwa emhlabeni wonke. Lapho uphindela kubantu abathakazelayo, gxila ekuhambiseni incwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Kufanele kwenziwe wonke umzamo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya, ikakhulukazi uma abanye sebeyifundile kakade incwadi ethi Ulwazi nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ngo-June: Hambisa incwadi ethi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Uma abaninikhaya sebenazo kakade lezi zincwadi, sebenzisa enye incwajana efanelekayo esesitokweni sebandla.

◼ Abamemezeli abafisa ukuba ngamaphayona asizayo ngo-April kufanele bahlele kusemanje futhi bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyosiza abadala ukuba bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekayo enkonzo yasensimini bathole nomagazini abanele nezinye izincwadi. Inyanga ngayinye kufanele kumenyezelwe amagama abo bonke abavunyelwe ukuba amaphayona asizayo ebandleni.

◼ Ihhovisi legatsha alibathumeleli abamemezeli ngabanye ama-oda ezincwadi. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba kuthunyelwe egatsheni i-oda lebandla lezincwadi lazinyanga zonke ukuze bonke abafisa ukuzitholela izincwadi ezithile batshele umzalwane ophatha izincwadi. Sicela nikhumbule njalo ukuthi iziphi izincwadi ezi-odwa ngokukhethekile.

◼ Siyajabula ukubika ukuthi umkhankaso wensimu engabelwe wezinyanga zika-August kuya ku-October 2002 waba impumelelo enkulu. Ingqikithi yabamemezeli abangu-8 000 emabandleni angu-399 basebenza amahora angu-75 843 bahambisa omagazini abangu-45 010, izincwadi ezingu-3 951, nezincwajana ezingu-29 205. Benza izimpindelo ezingu-7 387 baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-1 734. Kwenzeka izinto eziningi ezijabulisayo futhi bonke bawulindele ngokulangazela umkhankaso ka-2003. Siyanibonga nonke ngomoya wenu wokuzidela.

◼ Kusukela kumagazini ka-April 1, 2003 INqabayokulinda yohlelo olubhalwe ngokugqamile isizotholakala ngesiBemba.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?—ngesiChewa, ngesiFulentshi, ngesiHerero, ngesiKwangali, ngesiKwanyama, ngesiNdonga, ngesiNgisi, ngesiPutukezi, ngesiShona, ngeSipedi, ngeSpanishi, ngesiSuthu, ngesiSwahili, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiVenda, ngesiXhosa nangesiZulu

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele (Uhlelo Oluvamile)—ngesiZulu

Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso—ngesiBhunu, ngesiChewa, ngesiDashi, ngesiFulentshi, ngesiGreki, ngesiHebheru, ngesiHindi, ngesiHungary, ngesiJalimane, ngesiJapane, ngesiKwangali, ngesiKwanyama, ngesiNdonga, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPolish, ngesiPutukezi, ngesiRashiya, ngeSipedi, ngesiShayina, ngesiShona, ngeSpanishi, ngesiSuthu, ngesiSwahili, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiVenda, ngesiXhosa, nangesiZulu

Sondela KuJehova—ngesiBhunu, ngesiChewa, ngesiDashi, ngesiFulentshi, ngesiGreki, ngesiHebheru, ngesiHungary, ngesiJalimane, ngesiJapane, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPolish, ngesiPutukezi, ngesiRashiya, ngesiShayina, ngesiShona, ngeSipedi, ngeSpanishi, ngesiSuthu, ngesiSwahili, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiVenda, ngesiXhosa nangesiZulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela