Shumayela Futhi Unikeze Ubufakazi Obuphelele
1 ‘Njengomholi nomyali,’ uJesu waqeqeshela abafundi bakhe umsebenzi omkhulu wokushumayela ababezowenza. (Isaya 55:4; Luka 10:1-12; IzE. 1:8) Umphostoli uPetru wawuchaza ngala mazwi umsebenzi uJesu abanikeza wona: “Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele bokuthi lo nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.” (IzE. 10:42) Bunikezwa kanjani ubufakazi obuphelele?
2 Kuningi esingakufunda ngokubheka isibonelo somphostoli uPawulu. Lapho ehlangana namadoda amadala asebandleni lase-Efesu, wawakhumbuza wathi: ‘Angigodlanga ukunitshela noma yini ezintweni eziyinzuzo nokunifundisa obala nasendlini ngendlu. Kodwa kumaJuda nakumaGreki nganikeza ubufakazi obuphelele ngokuphathelene nokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.’ Naphezu kokubhekana novivinyo, uPawulu walwela ukufinyelela abaningi ngangokunokwenzeka ngezindaba ezinhle. Akaneliswanga ukutshela izilaleli zakhe amaqiniso ayisisekelo nje kuphela, kodwa walwela ukuzitshela yonke “injongo kaNkulunkulu.” Ukuze enze lokhu, wayezimisele ukuzikhandla nokuzidela. Waqhubeka wathi: “Umphefumulo wami angiwenzi obaluleke njengokungathi uyigugu kimi, uma nje ngingaqeda inkambo yami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu, yokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.”—IzE. 20:20, 21, 24, 27.
3 Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu namuhla? (1 Kor. 11:1) Ngokufuna abantu abafanelekayo ngisho noma nathi ngokwethu sibhekene nokuvivinywa, ngokulwela ukufinyelela abantu bazo zonke izinhlanga nezilimi ngezindaba ezinhle, nangokusihlakulela ngenkuthalo isithakazelo esisitholayo. (Math. 10:12, 13) Lokhu kudinga isikhathi, umzamo nothando ngabantu.
4 Ungaba Yiphayona Elisizayo? Izinyanga zika-March no-April zingaba ithuba elihle lokunikeza ubufakazi obuphelele ngokuba ube yiphayona elisizayo. Kwakungeve kukhuthaza ukubona abaningi ngonyaka odlule benza umzamo okhethekile wokuba amaphayona asizayo!
5 Udade oneminyaka engu-80 ubudala onezinkinga eziningi zempilo washukunyiswa isikhuthazo esanikezwa inhlangano kaJehova. Wabhala wathi: “Sathungela inhlansi enhliziyweni yami okwase kuyisikhathi eside nginayo, futhi kwangenza ngaba nomuzwa wokuthi kumelwe nje ngibe iphayona elisizayo okokugcina.” Wanquma ukuzibekela umgomo wokuphayona ngo-March. Wathi: “Into yokuqala engayenza kwaba ukuhlala phansi ngibale izindleko. Ngaxoxa nendodakazi yami ngoba ngangizodinga usizo lwayo. Yangimangaza ngokuba nayo ifake isicelo.” Ngaleyo nyanga lo dade osekhulile wasebenza amahora angu-52 enkonzweni. “Ngathandaza kaningi kuJehova ngicela ukuba avuselele amandla ami lapho sengizwa ephela. Ekupheleni kwenyanga, ngangijabule kakhulu futhi nganelisekile, futhi ngiye ngambonga kaningi uJehova ngokungisiza. Ngingathanda ukuphinde ngizame futhi.” Ukuzwa indaba yakhe ejabulisayo kungakhuthaza abanye abafuna ngempela ukuba amaphayona asizayo naphezu kwezinkinga ezinkulu zempilo.
6 Omunye umzalwane owadilizwa emsebenzini engazelele walisebenzisa kahle lelo thuba ngokuba abe iphayona elisizayo. Njengoba inyanga yayihamba, wezwa esewushisekela umsebenzi wokushumayela, yathi inyanga iphela wayeseqale isifundo esisha seBhayibheli. Lapho ecabanga ngakho, wathi: “Yaze yamnandi le nyanga!” Akuve kwamjabulisa ukuba nesiqondiso nosizo lukaJehova! Yebo, uJehova wamthululela isibusiso esikhulu lo mzalwane ngomzamo owengeziwe awenza enkonzweni, futhi uyokwenza okufanayo nakuwe.—Mal. 3:10.
7 Kwabaningi akulula ukuba yiphayona elisizayo. Noma kunjalo, abafowethu nodadewethu abaningi baye bakwazi ukuphayona nakuba besebenza, benakekela imikhaya futhi benezinye izinkinga zomuntu siqu. Ngokuvamile ukunikeza ubufakazi obuphelele kuhilela ukudela isikhathi sethu esiyigugu namandla, kodwa izibusiso zako azinakuqhathaniswa nalutho.—IzAga 10:22.
8 Izinyanga zika-March no-April ziyisikhathi esihle kakhulu sokuba yiphayona elisizayo. Zinhlanu izimpela-sonto ngo-March. Ukuzisebenzisa kahle lezi zimpela-sonto kanye namahora akusihlwa kungenza abanye abasebenzayo babe amaphayona asizayo. Ngaphezu kwalokho, ungase ukwazi ukusizakala ngamaholide enyanga ka-April. Abanye bangase bavale esikoleni noma bathathe ilivu emsebenzini, okungabasiza bakwazi ukufinyelela imfuneko yamahora angu-50. Kanti, uSuku Lukamagazini olukhethekile luzoba ngoMgqibelo, April 5. Ungalisebenzisa yini elinye lamasampula esimiso sobuphayona obusizayo ahambisana nalesi sihloko ukuze uhlele amahora angu-50 enkonzweni ngo-March nango-April? Xoxa ngesimiso sakho nabanye; ngokuqinisekile bakhona abazokhuthazeka ukuba basebenze kanye nawe enkonzweni. Uma ungeke ukwazi ukuba yiphayona elisizayo, zibekele umgomo oqondile ngalezi zinyanga, bese usekela labo abakwaziyo ukuphayona. Hlela kusemanje ukwandisa inkonzo yakho ngo-March nango-April.
9 Bonisa Ukwazisa NgeSikhumbuzo: Unyaka ngamunye ukubonga ngenxa yesihlengo kwenza abaningi ‘bathengisise ithuba’ lokuba amaphayona asizayo ngenkathi yeSikhumbuzo. (Efe. 5:15, 16) Lapha eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, bangu-8 104 ababa amaphayona asizayo ngo-March baba ngu-4 929 ngo-April. Lokhu kuyisilinganiso sabangu-6 516 ngayinye yalezi zinyanga ezimbili. Qhathanisa lokho nesilinganiso sabangu-1 600 ababa amaphayona asizayo inyanga ngayinye onyakeni wenkonzo odlule. (Ngonyaka odlule eBotswana amaphayona asizayo ayengu-120 ngo-March, aba ngu-78 ngo-April; eLesotho ayengu-160 ngo-March, aba ngu-203 ngo-April; eNamibia ayengu-145 ngo-March, aba ngu-71 ngo-April; eSt. Helena ayengu-14 ngo-March, aba ngu-4 ngo-April; eSwazini ayengu-219 ngo-March, aba ngu-139 ngo-April.) Le nkathi yeSikhumbuzo ingelinye ithuba elihle lokubonisa ukwazisa kwethu okuqotho ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu ngokusebenza kakhudlwana enkonzweni yasensimini.
10 Njengoba u-April 16 esondela cabanga ngokuthi sisho ukuthini iSikhumbuzo kuwe. Cabanga ngezenzakalo ezaholela ekufeni kukaKristu nangezinto ayekhathazeke kakhulu ngazo engqondweni nasenhliziyweni. Zindla nangenjabulo eyayiphambi kukaJesu nangendlela eyamsiza ngayo ukuba akhuthazelele ukuphathwa kabi okunjalo. Cabanga ngesikhundla akuso manje sokuba yiNhloko yebandla, eyengamele umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. (1 Kor. 11:3; Heb. 12:2; IsAm. 14:14-16) Yibe usubonisa ukwazisa kwakho ngakho konke uKristu akwenzile ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela ngokuvumelana nezimo zakho.
11 Khuthaza Abanye Ukuba Banikeze Ubufakazi Obuphelele: Abadala nezinceku ezikhonzayo baba sesimweni esihle sokukhuthaza abanye uma bengenela inkonzo yamaphayona asizayo. Lapho besebenza nabamemezeli enkonzweni yasensimini nalapho benza ukuhambela kokwalusa, banamathuba amahle okubasiza mathupha abanye ukuba bahlanganyele ngokugcwele kulo msebenzi okhethekile. Kwangathi sonke singathandaza ngale ndaba, ngaleyo ndlela siqinise imizamo yethu ebumbene yokunikeza ubufakazi obuphelele.
12 Nakuba bonke abadala nezinceku ezikhonzayo bezohambisana namalungiselelo ebandla omsebenzi owandisiwe ngezinyanga zika-March no-April, ngumbonisi wenkonzo ngokukhethekile okufanele azihluphe ngokuhlela umsebenzi wokushumayela. Kufanele ahlele izindawo, izinsuku, nezikhathi ezizolungelana neningi labamemezeli okuzoqhutshwa ngazo imihlangano yenkonzo bese zimenyezelwa njalo. Kungase kuhlelwe ukuba kuhlanganwe ngezikhathi ezahlukahlukene ngosuku, ngaleyo ndlela kunikezwe bonke ebandleni ithuba lokuhlanganyela ezicini ezahlukene zokushumayela. Lokhu kungahlanganisa ukushumayela endaweni yamabhizinisi, emigwaqweni, endlini ngendlu, ukwenza izimpindelo nokushumayela ngocingo. Ngaphezu kwalokho, kufanele ahlele ukuba kube nezincwadi, omagazini nensimu eyanele ngalezo zinyanga.
13 Ngo-March kuzohanjiswa incwadi ethi Ulwazi, ngenjongo yokuqala izifundo zeBhayibheli. Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002 sinokusikisela okuhle kokuhambisa incwadi ethi Ulwazi. Ngo-April kuyohanjiswa INqabayokulinda ne-Phaphama! Zama ukusebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe ezisengxenyeni ethi “Ongase Ukusho Ngomagazini.” Bonke kufanele bazinike isikhathi sokulungiselela ukuze banikeze ubufakazi obuphelele.
14 Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokusebenza ngaphansi kwesiqondiso seNhloko yebandla, uKristu Jesu, nangokuba nelungelo lokutshela abanye izindaba ezinhle! Njengoba izinyanga zika-March no-April zisondela, masiphinde futhi silwele ukuzenza zibe izinyanga zethu ezingcono kakhulu njengoba silalela umyalo kaKristu wokushumayela nokunikeza ubufakazi obuphelele.
[Ibhokisi ekhasini 4]
Izimiso Ezahlukahlukene Zenkonzo Yobuphayona Obusizayo Ngo-March Nango-April 2003
Usuku Amahora
UMsombuluko 1 2 — — 2 —
ULwesibili 1 — 3 — — —
ULwesithathu 1 2 — 5 — —
ULwesine 1 — 3 — — —
ULwesihlanu 1 2 — — — —
UMgqibelo 5 4 3 5 6 7
ISonto 2 2 3 2 2 3
March 56 56 54 55 50 50
April 50 50 51 53 — —
Sikhona isimiso ongasisebenzisa kulezi?