Ungawuvula Umuzi Wakho?
1 Ekhulwini lokuqala, amaKristu amaningi avula imizi yawo ukuze kuqhutshelwe kuyo imihlangano. (1 Kor. 16:19; Kol. 4:15; Filem. 1, 2) Namuhla, amanye amabandla awanazo izindawo ezanele lapho amaqembu eSifundo Sencwadi Sebandla engahlangana khona futhi kuqhutshwe nemihlangano yenkonzo yasensimini. Lokhu kungagcina kwenze amanye amaqembu esifundo sencwadi aba nabantu abangu-30 noma ngaphezulu, okuyinani elikhulu kakhulu kunelitusekayo labangu-15.
2 Ilungelo Elihle: Ingabe uke wakucabanga ukuba iSifundo Sencwadi Sebandla siqhutshelwe emzini wakho? Ikamelo elifanelekayo yikamelo elikhulu ngokwanele, elihlanzekile, elinokukhanya okukahle nelingenisa kahle umoya. Njengoba isifundo sencwadi siwumhlangano webandla futhi siyingxenye yelungiselelo likaJehova lokufundisa abantu bakhe, ukuba nesifundo sencwadi emzini wakho kuyilungelo elihle. Abaningi babika ukuthi bazuzile ngokomoya ngokuvula imizi yabo ngale ndlela.
3 Uma ucabanga ukuthi umuzi wakho uyafaneleka, unganqikazi ukutshela abadala. Kungenzeka ukuthi bafuna izindawo ezengeziwe. Uma kungenakwenzeka ukuqhubela isifundo sencwadi emzini wakho, imihlangano yenkonzo yasensimini yona ingaqhutshelwa khona? Ngisho noma singekho isidingo okwamanje, abadala bayojabula ukwazi ukuthi umuzi wakho ungatholakala. Esikhathini esizayo ungaba nalo leli lungelo.
4 Ukuba Nenhlonipho: Lapho kuhlanganwa emzini womuntu, bonke abakhona kudingeka bayihloniphe impahla yomnikazi womuzi. Abazali kufanele baqikelele ukuthi izingane zabo zihlala kuleyo ndawo okufundelwa kuyo, aziguduzi kwamanye amakamelo. Kufanele kucatshangelwe nomakhelwane, kuqashelwe ukuba bangakhathazwa ngokungadingekile.—2 Kor. 6:3, 4; 1 Pet. 2:12.
5 AmaHebheru 13:16 asikhuthaza ukuba singakhohlwa “ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” Ukuvula ikhaya lakho ukuba kuqhutshelwe kulo imihlangano yebandla kuyindlela enhle yokuhlanganyela izinto ezinhle nabanye ‘nokudumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.’—IzAga 3:9.