Yibani Abahluzekile Engqondweni Njengoba Ukuphela Kusondela
1 Ngokuphindaphindiwe iZwi likaNkulunkulu lichaza usuku lukaJehova njengolufika “njengesela”—okungukuthi, kungazelelwe, ngokuphazima kweso, ngesinyelela. (1 Thes. 5:2; Math. 24:43; 2 Pet. 3:10; IsAm. 3:3; 16:15) “Ngenxa yalokhu,” uJesu wathi, “yibani abakulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.” (Math. 24:44) Singahlala kanjani siphapheme ngokomoya njengoba ukuphela kusondela? Indlela esingakwenza ngayo lokhu itholakala kulesi siyalo esiphefumulelwe: “Yibani abahluzekile engqondweni.”—1 Pet. 4:7.
2 Ukuhluzeka kwengqondo kuhilela ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo. (Efe. 5:17) Kusisiza ukuba sizibheke “njengabafokazi nezakhamuzi zesikhashana” kulesi simiso samanje sezinto. (1 Pet. 2:11) Kusenza sikwazi ukubona ukuthi yini ebaluleke ngempela, sikwazi ukubeka kuqala izinto eziza kuqala nokuba senze izinqumo ezihlakaniphile.—Fil. 1:10.
3 Zibekele Imigomo Engokomoya: Ukuzibekela imigomo engokomoya nokuyifinyelela kusisiza ukuba sihluzeke engqondweni. Ingabe ikhona imigomo engokomoya oyiphishekelayo manje? Ingabe ulwela ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, ukuba khona kuyo yonke imihlangano yobuKristu, ukufunda umagazini ngamunye we-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, noma mhlawumbe ukwandisa inkonzo yakho? Uma uzibekela imigomo ekulungele, uphikelela ukuze uyifinyelele, futhi ucela uJehova ukuba ayibusise imizamo yakho, ingase ikumangaze imiphumela.
4 Omunye umdala wabuza umbhanqwana osemusha ukuthi iyini imigomo yawo engokomoya. Lo mbuzo wawenza waqaphela ukuthi uma ungenza ukuphila kwawo kube lula ukhokhe isikweletu esasiwuhleli entanyeni, ungaphayona. Wanquma ukwenza lokho kube umgomo wawo. Ngokuzimisela wasikhokha leso sikweletu wabe usuthola nezindlela zokunciphisa izinto ezingadingekile ezazidla isikhathi sawo namandla. Ngemva konyaka nje, wawusuwufinyelele umgomo wawo. Kwaba namuphi umphumela? Indoda ithi: “Ngaphandle kwemigomo ngabe asikho lapha sikhona manje. Sijabula kakhudlwana manje. Ukuphila kwethu kunokuthula futhi kungcono kakhulu. Kunenjongo yangempela.”
5 Njengoba silindele usuku lukaJehova, kwangathi singahlala siphapheme ngokomoya ngokuba sibe abahluzekile engqondweni, sigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu.—Thithu 2:11-13.