Ingabe Uneqhaza Embikweni Onembile?
1 Ukulandisa okuningi okuseBhayibhelini kuqukethe izibalo eziqondile, ezisisiza sibe nesithombe esicacile salokho okwenzeka. Ngokwesibonelo, uGideyoni waqothula ikamu lakwaMidiyani ngamadoda angu-300. (AbAhl. 7:7) Ingelosi kaJehova yabulala amasosha ase-Asiriya angu-185 000. (2 AmaKh. 19:35) NgePhentekoste lika-33 C.E., kwabhapathizwa abantu ababalelwa ku-3 000, kwathi ngokushesha ngemva kwalokho isibalo sabakholwayo sakhula safinyelela kwabangu-5 000. (IzE. 2:41; 4:4) Kusobala kulokhu kulandisa ukuthi izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zazizikhandla ukuze zihlanganise umbiko ophelele nonembile.
2 Namuhla, inhlangano kaJehova isifundisa ukuba sibike umsebenzi wenkonzo yethu yasensimini inyanga ngayinye. Ukubambisana kwethu ngokwethembeka naleli lungiselelo kuneqhaza ekwenganyelweni ngokuphumelelayo komsebenzi wokushumayela. Imibiko ingase ibonise ukuthi isici esithile senkonzo sidinga ukunakekelwa noma ukuthi kudingeka izisebenzi ezengeziwe engxenyeni ethile yensimu. Ebandleni, imibiko yenkonzo yasensimini isiza abadala ukuba babone labo abanethuba lokwandisa inkonzo yabo, babone nalabo abangase badinge usizo. Kanti imibiko ngentuthuko yomsebenzi wokushumayela ngoMbuso iyakhuthaza kubo bonke abazalwane abangamaKristu. Ingabe uyayifeza indima yakho ukuze kube nombiko onembile?
3 Umthwalo Wakho Wemfanelo: Ekupheleni kwenyanga, ingabe ukuthola kulukhuni ukukhumbula lokho okwenzile enkonzweni? Uma kunjalo, kungani ungabhali phansi umsebenzi wakho njalo uma ubuya enkonzweni yasensimini? Abanye babhala ekhalendeni noma encwajaneni yezenzakalo zansuku zonke. Abanye baphatha ipheshana lombiko wenkonzo ngaso sonke isikhathi. Ekupheleni kwenyanga, nika umbonisi wesifundo senu sencwadi umbiko wakho ngokushesha. Uma kwenzeka ukhohlwa ukumnika umbiko wakho, thintana nombonisi wesifundo senu sencwadi ngokushesha kunokuba ulindele yena ukuba awucele. Ukubika umsebenzi wakho ngokwethembeka kubonisa inhlonipho ngelungiselelo likaJehova nokubacabangela ngothando abafowethu ababelwe ukuqoqa nokuhlanganisa imibiko.—Luka 16:10.
4 Indima Yombonisi Wesifundo Sencwadi: Njengomalusi ophapheme futhi onakekelayo, umbonisi wesifundo sencwadi unesithakazelo emsebenzini weqembu phakathi nayo yonke inyanga. (IzAga 27:23) Uyazi ukuthi ummemezeli ngamunye uyahlanganyela yini njalo ngenjabulo nangendlela enenjongo enkonzweni futhi uyashesha ukunikeza usizo uma kukhona ongazange aphume inyanga yonke. Ngokuvamile kusuke kudingeka kuphela amazwi ambalwa esikhuthazo, ukusikisela okuwusizo, noma ukummema ukuba ahambisane nawe enkonzweni yasensimini.
5 Ekupheleni kwenyanga, umbonisi wesifundo sencwadi uyaqikelela ukuthi bonke eqenjini baye bawufeza umthwalo wabo wemfanelo wokubika umsebenzi wabo ukuze unobhala athumele umbiko webandla onembile egatsheni ngaphambi kosuku lwesithupha lwenyanga elandelayo. Lapho inyanga iya ngasekupheleni, kungase kube usizo ukuba akhumbuze iqembu futhi alinike amapheshana ombiko endaweni okuqhutshelwa kuyo isifundo sencwadi. Uma bekhona abakhohlwayo ukubika umsebenzi wabo, angase abanikeze izikhumbuzo ezifanele nesikhuthazo.
6 Ukufaka umbiko wethu wenkonzo yasensimini ngokushesha kuneqhaza ekukhishweni kombiko obonisa ngokunembile lokho okuye kwafezwa ensimini. Ingabe uzoyifeza indima yakho ngokubika umsebenzi wakho ngokushesha inyanga ngayinye?