Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/02 kk. 5-6
  • Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 8/02 kk. 5-6

Ukubukeza ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ukubukezwa, izincwadi zivaliwe, kwendaba eyahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-May 6 kuya ku-August 19, 2002. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhala kulo izimpendulo zemibuzo eminingi ngangokunokwenzeka ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:

1. UJeremiya 18:1-6 ubonisa ukuthi uJehova wenza abantu benze izinto abasuke bengafuni bona ukuzenza. [1, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 4/1 k. 22 izig. 3-4.]

2. Abaprofethi bamanga beba amandla nohlonze lwamazwi kaNkulunkulu ngokukhuthaza abantu ukuba balalele amanga kunokulalela isixwayiso esiyiqiniso esivela kuNkulunkulu. (Jer. 23:30) [2, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 2/1 k. 4 isig. 3.]

3. KuJeremiya 25:15, 16, “le ndebe yewayini lokufutheka” eyenza “zonke izizwe . . . zihlanye” ibhekisela emphumeleni owulazayo wenkolo yamanga. [3, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 3/1 k. 20 isig. 13.]

4. Ngokuvumelana nendlela uMathewu asisebenzisa ngayo isiprofetho sikaJeremiya, ‘izwe lesitha’ libhekisela ezweni lokufa, izisulu ezisezincane ezabulawa uHerode Omkhulu eziyobuya kulo ngovuko. (Jer. 31:15, 16; Math. 2:17, 18) [4, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w80-ZU 1/1 k. 6 isig. 13 (w79 6/15 k. 19 isig. 13).]

5. UJeremiya 37:21 unikeza isiqinisekiso sokuthi uJehova angaziphasa izinceku zakhe ezithembekile ezikhathini ezinzima ngokwezomnotho. [6, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 9/15 k. 3 isig. 4–k. 4 isig. 2.]

6. Incwadi yesiLilo izwakalisa ukudabuka okukhulu ngokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., libhujiswa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabiloni. [10, si-ZU k. 130 isig. 1]

7. IsiLilo 5:7 sibonisa ngokucacile ukuthi uJehova ubajezisa ngokuqondile abantwana ngenxa yezono zabazali babo. [11, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/1 k. 27 ibhokisi.]

8. Uphawu olusebunzini okubhekiselwa kulo kuHezekeli 9:4 lusho ukuthi ulwazi lulodwa luyomsindisa umuntu. [13, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 14 isig. 18.]

9. ‘Izipho ezingabantu’ okukhulunywa ngazo kweyabase-Efesu 4:8 zingabadala abangamaKristu, abamiswa umoya ongcwele futhi abanikwe igunya lokunakekela inhlalakahle engokomoya yabakholwa nabo. (IzE. 20:28) [15, w00-ZU 8/1 k. 6 isig. 3]

10. Lapho uHezekeli isahluko 23 ebhekisela osukwini lwanamuhla, ubuProthestani bungafaniswa no-Oholiba kuthi ubuRoma Katolika bufaniswe nodadewabo omdala u-Ohola. [16, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 21 isig. 22.]

Phendula imibuzo elandelayo:

11. Yibaphi abaprofethi abathathu ababevelele eminyakeni ebucayi kusukela ngo-617 kuya ku-607 B.C.E., eyaphela ngokubhujiswa kweJerusalema? [12, si-ZU k. 133 isig. 2]

12. Kubonakaliswa kanjani ukwazisa okuqotho ngomhlatshelo kaKristu wesihlengo, ngokuvumelana nesimemo esikuLuka 9:23? [1, w00-ZU 3/15 k. 8 isig. 1]

13. UJehova ‘wamkhohlisa’ ngayiphi indlela uJeremiya? (Jer. 20:7, NW) [2, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 5/1 k. 31 isig. 6.]

14. UJesu wayesho ukuthini lapho ethi umoya ongcwele ‘uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enganitshela zona’? (Joh. 14:26) [4, w00-ZU 4/1 k. 8 isig. 7-8]

15. NgokukaJeremiya 35:18, 19, yiliphi ithemba elinikezwa isigaba samaRekabi anamuhla? [5, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-su-ZU k. 131 isig. 7.]

16. AmaNefili ‘ayengabantu abanamandla namadoda odumo’ ngayiphi indlela? (Gen. 6:4) [6, w00-ZU 4/15 k. 28 isig. 1]

17. UBaruki walahlekelwa kanjani ukulinganisela kwakhe okungokomoya, futhi thina singafunda siphi isifundo kulokho abhekana nakho? (Jer. 45:1-5) [7, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 8/15 k. 21 izig. 14-16.]

18. Isiprofetho esikuJeremiya 50:38 sagcwaliseka nini futhi kanjani? [9, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-dp-ZU k. 150 izig. 2-3.]

19. Okwenzeka eJerusalema, “intombi eyindodakazi yakwaJuda,” kuyibika lani kweLobukholwa, ngokwesiLilo 1:15? [10, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/1 k. 27 ibhokisi.]

20. Isho ukuthini inkulumo ethi “Susa isigqoko, wethule umqhele,” elotshwe kuHezekeli 21:26? [16, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 19 isig. 16.]

Nikeza igama noma amagama noma umushwana odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:

21. Umuntu onesizotha uhlala phakathi ․․․․․․․․ okuhle futhi uyavuma ukuthi ․․․․․․․․ kulokho okufanele akwenze nalokho akwazi ukukwenza. (Mika 6:8) [2, w00-ZU 3/15 k. 21 izig. 1-2]

22. Nakuba umoya ongcwele ungase ungakususi ․․․․․․․․ noma ․․․․․․․․, ungasisiza ukuba ․․․․․․․․. (1 Kor. 10:13; 2 Kor. 4:7) [4, w00-ZU 4/1 k. 11 isig. 6]

23. Umprofethi uDaniyeli waqonda ngezincwadi zikaJeremiya ukuthi iJerusalema lalizoba incithakalo ․․․․․․․․; ukunemba okumangalisayo kwalokhu kuqinisa ukholo emandleni kaJehova ․․․․․․․․. (Jer. 25:12; Dan. 9:2) [9, si-ZU k. 129 isig. 37]

24. Incwadi yesiLilo kufanele ibangele ․․․․․․․․ kubakhulekeli beqiniso futhi ibe yisixwayiso ․․․․․․․․ kulabo abangamnaki uJehova uNkulunkulu. [11, si-ZU k. 132 isig. 13]

25. Isibonelo sika-Abrahama sokuba obonelelayo lapho elungisa ukungezwani siyisikhuthazo kithi ukuba singavumeli ․․․․․․․․ noma ․․․․․․․․ konakalise ubuhlobo bethu obuyigugu nabafowethu. (Gen. 13:5-12) [16, w00-ZU 8/15 k. 24 izig. 3-4]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. UJobe wayesazisa (ulwazi; isihe; isahlulelo) sikaJehova ngakho eziphatha (ngokuqonda; ngesihe; ngobulungisa) nezigqila zakhe. (Jobe 31:13, 14) [3, w00-ZU 3/15 k. 26 isig. 1]

27. KuJeremiya 16:2-4, umprofethi wayalwa ukuba ahlale engashadile (ukuze abonakalise umoya wakhe wokuzidela; ukuze afanekisele kusengaphambili inkambo yokungashadi eyalandelwa uMesiya; ukuze aqinisekise ukuba yiqiniso kwezwi likaJehova mayelana nokubhujiswa kweJerusalema). [1, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w78 4/15 k. 31 isig. 2.]

28. KuzAga 4:7, ukuhlakanipha kubhekisela (ekujwayelaneni namaqiniso; ekuboneni indlela amaphuzu ahlobana ngayo; ekusebenziseni ulwazi nokuqonda). [7, w00-ZU 5/15 k. 21 isig. 1]

29. Akekho umuntu ongaqiniseka ngokuphelele ukuthi igama likaNkulunkulu ngesiHeberu sasendulo laliphinyiselwa kanjani ngoba isiHeberu seBhayibheli ekuqaleni sasibhalwa (ngonkamisa kuphela; ngongwaqa kuphela). [6, rs-ZU k. 244 isig. 1]

30. Inqola kaNkulunkulu echazwe kuHezekeli isahluko 1 imelela (uMbuso kaNkulunkulu ngoMesiya; inhlangano kaJehova yezingelosi engokomoya; ukuxhumana kukaJehova nensali). [12, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 11 isig. 5.]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

Dut. 7:25, 26; IzAga 4:18; 5:21; Jer. 46:28; Roma 15:4

31. Lo myalo ubeka isibonelo sendlela abantu bakaJehova okufanele babheke ngayo noma yiziphi izithombe okungenzeka ukuthi babezidumisa ngaphambili. [rs-ZU k. 194 isig. 3]

32. Enye indlela eqondile uJehova asiduduza ngayo yiZwi lakhe elilotshiwe, elinethemba elimangalisayo ngekusasa. [w00-ZU 4/15 k. 5 isig. 4]

33. Isiyalo sabazali akufanele seqise noma seqele ngalé kwenjongo yaso yokuqondisa nokufundisa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-kl-ZU k. 148 isig. 20.]

34. Njengoba uJehova enza ukuba izinceku zakhe ziqonde injongo yakhe ngendlela ethuthukayo, ukwanda kolwazi ngokuvamile kudinga ukuba umuntu alungise ukucabanga kwakhe. [rs-ZU k. 212 isig. 3]

35. Noma yisiphi isenzo sokungcola ngokobulili, kungakhathaliseki ukuthi sifihleke kangakanani, asifihlekile emehlweni kaNkulunkulu. [w00-ZU 7/15 k. 31 isig. 3]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela