Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/02 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 6/02 k. 3

IZaziso

◼ Isipho ngo-June: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Uma abaninikhaya sebenazo kakade lezi zincwadi, hambisa incwajana efanelekayo ibandla elinayo esitokweni. Ngo-July nango-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungahanjiswa incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, nethi Incwadi Yabo Bonke Abantu. Ngo-September: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.

◼ Amabandla kufanele aqale ukuhlelela umkhankaso wensimu engabelwe ngenxa yokwenyuka kwezindleko zezokuthutha nezindawo zokuhlala. Zamani ukwenza leyo mpelasonto isetshenziselwe izinto ezingokwasezulwini ngokugcwele ngokunikela isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka enkonzweni. Amabandla angeke akwazi ukusekela lo mkhankaso angagxila ensimini yawo engasetshenzwa njalo.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Kunoshintsho kule mihlangano yesigodi elandelayo:

Ngo-November 29–December 1:

EPietersburg (iSipedi; awusekho)

Ngo-December 13-15:

EBloemfontein (IsiBhunu, isiNgisi; izinsuku ezintsha)

EGoli (IsiNgisi 2, uLimi Lwezandla; kunezelwé ulimi)

ERundu (isiKwangali; izinsuku ezintsha)

EWalvis Bay (awusekho)

Ngo-December 21-22:

E-Ongwediva (awusekho)

E-Oshakati (IsiKwanyama; umhlangano omusha)

Ngo-December 27-29:

EPotgietersrus (iSipedi; kushintshwé izinsuku nendawo)

◼ Kusukela ngomagazini ka-April-June 2002, i-Phaphama! yesi-Urdu isizophuma kane ngonyaka, hhayi kanye ngenyanga.

◼ Amakhasethi E-Video Amasha Atholakalayo:

The Greatest Man Who Ever Lived—On Videocassette, Umqulu 8—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela