IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-February: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
◼ Sizani niphawule ukuthi iSikhumbuzo sonyaka ka-2003 siyoba ngoLwesithathu, ngo-April 16, ngemva kokushona kwelanga. Lesi saziso senziwa kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukufaka izicelo zokubekisa amahholo atholakalayo ngalolo suku uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa futhi kudingeka ukuba kutholakale ezinye izindawo. Abadala kufanele benze isivumelwano nabaphathi, esiqinisekisa ukuthi azikho ezinye izinto eziphazamisayo eziyokwenziwa kuleso sakhiwo ukuze umkhosi weSikhumbuzo uqhutshwe ngokuthula. Ngenxa yokubaluleka kwalesi senzakalo, lapho yabela isikhulumi esizonikeza inkulumo yeSikhumbuzo, indikimba yabadala kufanele ikhethe omunye wabazalwane abafaneleka kangcono kunokuba bamane bashintshane noma basebenzise isikhulumi esisodwa unyaka nonyaka. Uma ekhona umdala ongomunye wabagcotshiweyo ongase akwazi ukuyinikeza le nkulumo, kufanele kukhethwe yena.
◼ Abafowethu nodadewethu eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane badinga izingubo nezicathulo ezingamasekeni, ezifanelekayo nezihlanzekile futhi ezisesimweni esihle. Sizani nizehlukanise, kube ezamadoda, ezabesifazane nezabantwana nibonise ngokucacile ebhokisini noma esikhwameni bese nizithumela ehhovisi legatsha.
◼ SICELA NIPHAWULE: Le mihlangano yesigodi elandelayo ayisekho:
December 14-16: ESoweto (IsiZulu 1)
December 21-23: ESoweto (IsiZulu 2)
◼ Umhlangano Omusha:
January 4-6, 2002: ERoodepoort Athletics Stadium (IsiZulu 1 no-2)