IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-July no-August: Kungase kusetshenziswe noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona kungase kuhanjiswe izincwajana ezilandelayo, Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Ever Be a World Without War? Ngo-September: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Indlela AmaKristu Eqiniso Ahlobisa Ngayo Imfundiso Yaphezulu.”
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2002 e-odeni lawo lezincwadi lika-July. Sicela ningasaphazi lapho nisebenzisa la mafomu. Kufanele asetshenziselwe injongo yawo kuphela.
◼ Kusukela kweka-July 15, 2001, INqabayokulinda yesiSango isizophuma kabili ngenyanga.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Does Fate Rule Our Lives?—Or Does God Hold Us Responsible? (ipheshana lamaSulumane) (Tract No. 71)—isiPutukezi
Hellfire—Is It Part of Divine Justice? (ipheshana lamaSululmane) (Tract No. 74)—isiPutukezi
The Greatest Name (ipheshana lamaSulumane) (Tract No. 72)—isiPutukezi
Watch Tower Publications Index 1999—isiPutukezi
◼ Amakhasethi Amasha E-video Atholakalayo:
Our Whole Association of Brothers—isiNgisi