Ingabe Ikhona INcwadi Yonyaka Ongenayo Emtatsheni Wakho?
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova ngayinye iyigugu okujabulisayo ukulifunda. Imibiko eyakhayo yomsebenzi wokushumayela ngoMbuso evela emhlabeni wonke iqinisa ukuthembela kwethu esiqondisweni, esivikelweni nasesibusisweni sikaJehova. Sine-Ncwadi Yonyaka yesiNgisi yale minyaka u-1993, u-1994 no-2000 esitokweni. NgesiZulu sineka-1996, ngesiXhosa sineka-1997 kuya ku-1999 futhi eka-1997 neka-1998 iyatholakala ngesiSuthu. Lezi zi-Ncwadi Zonyaka ziqukethe umlando ongokomoya othakazelisayo womsebenzi woMbuso ezindaweni ezikude. Kungani ungahloli umtapo wakho ukuze ubone ukuthi ikhona yini kulezi INcwadi Yonyaka ongenayo? Ngokufanayo umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kufanele ahlole umtapo waseHholo LoMbuso. Noma ibaphi abamemezeli noma amabandla afisa ukuthola lezi zi-Ncwadi Zonyaka manje asengalifaka i-oda lazo kumzalwane ophatha izincwadi zebandla.