Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/01 k. 8
  • Izintshumayelo Ezilula Zingezingcono Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezilula Zingezingcono Kakhulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Uma Iba Nemiphumela Emihle, Yisebenzise!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indlela Yokusebenzisa Izintshumayelo Eziyizibonelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokulungiselela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 4/01 k. 8

Izintshumayelo Ezilula Zingezingcono Kakhulu

1 Kungani abamemezeli abasebancane bevame ukubamba isithakazelo salabo ababatshela ngesigijimi soMbuso? Esinye isizathu siwukuthi indlela abakhuluma ngayo ilula. Abanye abamemezeli bangase babe nomuzwa wokuthi ukuze ufakaze ngokuphumelelayo kudingeka intshumayelo yobugagu. Nokho, okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi intshumayelo elula necacile ingcono kakhulu.

2 UJesu wamemezela uMbuso kaNkulunkulu ngendlela elula neqondile futhi waqeqesha abafundi bakhe ukuba benze okufanayo. (Math. 4:17; 10:5-7; Luka 10:1, 9) Wayesebenzisa izethulo, imibuzo nemifanekiso elula ukuze abambe ukunaka kwezilaleli zakhe futhi afinyelele izinhliziyo zazo. (Joh. 4:7-14) Senza kahle ngokulingisa isibonelo sakhe futhi sethule izintshumayelo eziqondakala kalula.

3 Kufanele sisimemezele isigijimi ‘sezindaba ezinhle zoMbuso.’ (Math. 24:14) Ukusebenzisa uMbuso njengesihloko sakho esiyisisekelo kuyosiza ekugcineni intshumayelo yakho ilula. Khuluma ngezinto ezithinta izilaleli zakho. Ngokuvamile abesifazane banesithakazelo esikhulu emikhayeni yabo kunakwezombangazwe. Ubaba unesithakazelo kakhulu emsebenzini wakhe wokuziphilisa nokulondeka komkhaya wakhe. Intsha inesithakazelo ekusaseni layo; abantu asebekhulile banesithakazelo empilweni engcono nasekulondekeni kwabo. Ngokuvamile abantu banesithakazelo esikhulu ezenzakalweni zendawo yakubo kunalezo ezenzeka emazweni akude. Ngemva kokuxoxa ngezinto ezithinta wonke umuntu ezivamile, qondisa ukunakekela ezibusisweni eziyojatshulelwa yisintu esilalelayo ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Amazwi ambalwa, akhethwe kahle ahambisana nombhalo angaba indlela engcono kakhulu yokushukumisa isithakazelo sesilaleli sakho.

4 Ungase uqale ingxoxo ngokuthi:

4◼ “Akungabazeki ukuthi uyavuma ukuthi isintu sihlaselwe yizifo eziningi ezingelapheki. Kodwa bewazi nje ukuthi uNkulunkulu uye wathembisa ukuziqeda ngokushesha zonke izinhlobo zokugula nokufa?” Mvumele aphendule, bese ufunda IsAmbulo 21:3, 4.

5 Ngezintshumayelo ezicacile nezilula, kwangathi ningafinyelela izingqondo nezinhliziyo zabantu abengeziwe ensimini yakini, nibasize bafunde ngoJehova nangethemba lokujabulela ukuphila okuphakade.—Joh. 17:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela