Uthando Lusishukumisela Ukuba Sishumayele
1 NjengoFakazi BakaJehova, saziwa kangcono ngokuba abashumayeli besigijimi soMbuso abashisekayo. (Math. 24:14) Abangaphezu kwezigidi eziyisithupha bayashiseka emhlabeni wonke; inani liyanda lapho abasha behlanganyela nathi ekushumayeleni. La manani abalwa ngokwalabo abahlanganyela kulo msebenzi.
2 Yini esishukumisela ukuba sisebenze ngokuzithandela kulesi sabelo esiyinselele kangaka? Asiphoqelelwa, sihehwe ngenzuzo yezinto ezibonakalayo noma sinikezwe udumo olukhethekile. Ekuqaleni, iningi lethu lalesaba ngoba linomuzwa wokuthi alifaneleki, futhi ngokuvamile umphakathi wawungasabeli kahle. (Math. 24:9) Abaningi ababukelayo bayehluleka ukuqonda ukuthi yini esishukumisayo. Kumelwe kube nesizathu esenza ukuba sikhuthazele.
3 Amandla Othando: UJesu wayekhuluma ngomthetho omkhulu kunayo yonke lapho ethi ‘kumelwe sithande uJehova ngezinhliziyo zethu zonke nangemiphefumulo yethu yonke nangezingqondo zethu zonke nangezikhwepha zethu zonke.’ (Marku 12:30) Uthando lwethu ngoJehova lugxile emizweni ejulile yokwazisa ngalowo anguye nalokho ayikho—uMbusi Wendawo Yonke, uMdali wezinto zonke, ‘ofanele ukwamukela inkazimulo nodumo namandla.’ (IsAm. 4:11) Izimfanelo zakhe ezimangalisayo azinakuqhathaniswa.—Eks. 34:6, 7.
4 Ukwazi nokuthanda uJehova kusishukumisela ukuba sivumele ukukhanya kwethu kukhanye phambi kwabantu. (Math. 5:16) Ukukhanya kwethu kuyakhanya lapho simdumisa obala, sikhuluma ngemisebenzi yakhe emangalisayo, nalapho sisakaza isigijimi esiphathelene noMbuso wakhe. Njengengelosi esemkhathini, ‘sinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba sizimemezele njengezindaba ezithokozisayo kuzo zonke izizwe nezilimi nabantu.’ (IsAm. 14:6) Uthando lwethu lungamandla asiqhubezela emsebenzini wokushumayela womhlaba wonke.
5 Izwe libheka ukushumayela kwethu ‘njengobuwula’ okungafanele bulalelwe. (1 Kor. 1:18) Kuye kwenziwa imizamo eminingi ukuze kucindezelwe umsebenzi wethu. Uthando lwethu oluqotho luye lwasiqinisa ukuba sisho ngokuqinile, njengoba kwenza abaphostoli, sithi: “Asinakuyeka ukukhuluma ngezinto esizibonileyo nesizizwileyo. . . . Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzE. 4:20; 5:29) Naphezu kokuphikiswa, umsebenzi wokushumayela uyaqhubeka wanda kuzo zonke izingxenye zomhlaba.
6 Uthando lwethu ngoJehova lunjengomlilo ovuthayo osiphoqelela ukuba simemezele kabanzi ubuhle bakhe. (Jer. 20:9; 1 Pet. 2:9) Siyoqhubeka ‘sizazisa izenzo zakhe phakathi kwezizwe ngokuba wenzile izinto ezinkulu’!—Isaya 12:4, 5.