Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/01 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 3/01 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-April no-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Hambisa incwadi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, ngomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-June: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Gxilani ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya.

◼ Abamemezeli abafisa ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-April kufanele bahlele manje futhi bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyosiza abadala ukuba benze amalungiselelo adingekile enkonzo yasensimini futhi babe nomagazini nezinye izincwadi ezanele. Amagama abo bonke abafanelekayo ukuba amaphayona asizayo kufanele amenyezelwe ebandleni.

◼ ISikhumbuzo siyoba ngeSonto, ngo-April 8, 2001. Ayikho imihlangano okufanele iqhutshwe ngalolo suku ngaphandle kweyenkonzo yasensimini. Abadala bangase benze amalungiselelo afanele okuba iSifundo Se-Nqabayokulinda siqhutshwe ngesinye isikhathi.

◼ INhlangano ayiwathumeli ama-oda ezincwadi abantu ngabanye. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba inyanga ngayinye kwenziwe isaziso ngaphambi kokuba kuthunyelwe i-oda lezincwadi zebandla lanyanga zonke eNhlanganweni ukuze bonke abafuna ukuzitholela izincwadi zabo siqu bazise umzalwane ophatha izincwadi. Sizani nikhumbule ukuthi iziphi izincwadi ezi-odwa ngokukhethekile.

◼ IMihlangano Yesigodi ‘Yabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ ibe impumelelo enkulu njengoba bonke babelalele isimiso esakhayo ngokulangazelela. Emihlanganweni engu-41, kwabhapathizwa abangu-2 465 kwaba nengqikithi yabangu-146-277 ababekhona. Manje sibheke phambili ochungechungeni lwemihlangano ka-2001.

◼ Siphinde sajabulela izinyanga ezintathu ezibe yimpumelelo ebezinikelwe emkhankasweni wensimu engabelwe. Ingqikithi yabamemezeli abangu-5 841, yasebenza amahora angu-53 796, yahambisa omagazini abangu-28 836, izincwadi ezingu-4 969 nezincwajana ezingu-17 722. Yenza izimpindelo ezingu-4 131 futhi yaqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-508. Lona umbiko okhuthazayo futhi sibheke phambili ngokulangazelela emkhankasweni ka-2001.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?—isiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiShona, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, isiZulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela