Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/01 kk. 2-7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 2/01 kk. 2-7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-February: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, noma iyiphi incwadi enamakhasi angu-192 eyakhishwa ngo-1986 noma ngaphambi kwalokho ibandla elinayo esitokweni. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-April nango-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Hambisa incwadi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisa ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anobunzima bokuhlanganisa amahora afunekayo, abadala kufanele bahlele ukuba asizwe. Ukuze nithole ukusikisela, bukezani incwadi yeNhlangano ephuma minyaka yonke i-S-201. Bhekani futhi izigaba 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.

◼ Unobhala kufanele aqiniseke ukuthi iKomiti Yokwakha Yesifunda inokwaziswa kwamuva ngabo bonke abamemezeli ababhapathiziwe abafake amafomu e-Kingdom Hall Construction Worker Questionnaire (S-82). Uma kunoshintsho esimweni somuntu, njengokuthuthela kwenye indawo noma ukumiswa njengenceku ekhonzayo noma umdala, kufanele kugcwaliswe futhi kuthunyelwe amafomu amasha ngokushesha. Uma ikheli lokuthumela noma inombolo yocingo yesisebenzi sokuzithandela ishintsha, noma ingasenakho ukuma okuhle ebandleni, abadala kufanele babhale incwadi ngokushesha bazise iKomiti Yokwakha Yesifunda.

◼ Sizani niphawule ukuthi ngonyaka ka-2002 iSikhumbuzo siyokuba ngoLwesine ngo-March 28 ngemva kokushona kwelanga hhayi ngoLwesihlanu ngo-March 22, njengoba kuboniswe ekugcineni kwe-Khalenda Lika-2001. Sinikeza lesi saziso kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekayo okuqasha amahholo uma kunamabandla ambalwa esebenzisa iHholo LoMbuso futhi kudingeka ukuba kutholakale ezinye izindawo. Ngenxa yokubaluleka kwalesi senzakalo, lapho ikhetha isikhulumi seSikhumbuzo, indikimba yabadala kufanele ikhethe omunye wabadala ofaneleka kangcono kunokuba bamane bashintshane noma kube umzalwane oyedwa minyaka yonke. Kuyoba okuhlukile uma kunomdala ofanelekayo ogcotshiwe ongase akwazi ukunikeza inkulumo.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2001 e-odeni lawo lezincwadi lika-February. INcwadi Yonyaka Ka-2001 izotholakala ngesiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiXhosa nesiZulu. Kuze kube yilapho lezi zincwadi sezitholakala futhi sezithunyelwe, kuyobhalwa ukuthi “Zisazothunyelwa” ohlwini lwezincwadi ezithunyelwe zebandla. INcwadi Yonyaka Ka-2001 iyinto e-odwa ngokukhethekile, okusho ukuthi kufanele i-odwe yibandla kuphela uma kunabathile abayi-ode ngokukhethekile; akumelwe inceku yezincwadi i-odele ibandla isitokwe esikhulu. Ngaleyo ndlela, kufanele kugcinwe umbhalo wawo wonke ama-oda alokhu. (Bheka IZiqondiso Ze-Watch Tower Zoku-Oda Izincwadi, Ingxenye 3.)

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

ISiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I—ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPolish, isiPutukezi, iSipedi, isiShona, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, isiZulu

I-New World Translation of the Holy Scriptures (Evamile)—isiSuthu, isiTswana

Ungaba Umngane KaNkulunkulu!—ngesiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiNgisi, isiNtaliyane, iSPanish, isiPutukezi, isiShona, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, isiZulu

◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:

Kingdom Melodies No. 9 (Ikhasethi elilodwa)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela