IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-January: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya noma Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ngo-February: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, noma, noma iyiphi incwadi enamakhasi angu-192 eyakhishwa ngo-1986 noma ngaphambi kwalokho ibandla elinayo esitokweni. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Hambisani incwadi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, ngomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli.
◼ Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abakhona eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto lika-January 29 bangase bathole ikhadi i-Advance Medical Directive/Release kanye ne-Identity Card yezingane zabo.
◼ Kusukela ngo-February, futhi engakadluli u-March 4, ababonisi bezifunda bayonikeza inkulumo yeningi entsha ethi “USuku Lokwahlulela—Isikhathi Sokwesaba Noma Sethemba?”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanele okugubha iSikhumbuzo kulo nyaka ngeSonto, April 8, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase isheshe iqale, ukuhanjiswa kwezifanekiselo akufanele kuqale kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Buzani emithonjeni yokwaziswa yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Njengoba ingekho eminye imihlangano eyoqhutshwa ngalelo langa ngaphandle komhlangano wenkonzo yasensimini, kufanele kwenziwe ushintsho olufanele ukuze iSifundo Se-Nqabayokulinda siqhutshwe ngesinye isikhathi. Ababonisi besifunda kuyodingeka bashintshe izikhathi zabo zemihlangano kulelo sonto ngokwezimo zendawo. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe iSikhumbuzo salo lilodwa, kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho amabandla amaningana esebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu lingasebenzisa enye indawo ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba imihlangano ishiyane ngemizuzu engengaphansi kwengu-40 ukuze bonke bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo, kube nesikhathi sokubingelela izivakashi nokukhuthaza abathakazelayo. Kufanele kucatshangelwe nokuminyana kwezimoto nokupaka, kuhlanganise nendawo yokwehlisa nokugibelisa abagibeli. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayosebenza kangcono kakhulu ebandleni.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yesikhathi seSikhumbuzo ngo-2001 iyonikezwa ngeSonto, ngo-April 1. Isihloko senkulumo siyothi “Ubani Ongasindiswa?” Uhlaka luzothunyelwa. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto eliqala ngo-April 9. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 1, 2001.
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Izibonelo Eziyisixwayiso Zosuku Lwethu (Idrama, ikhasethi eyodwa)—isiNgisi
USuku Lukamagazini olukhethekile luzoba ngo-April 7, 2001. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini woSuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale ukuhlela manje ukuze nihlanganyele ngokugcwele kulo nyaka. Amabandla kufanele awathumele ngokushesha ama-oda akhethekile omagazini.