Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/00 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 11/00 k. 3

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-November: Ukusakazwa kwe-Kingdom News No. 36 kusazoqhubeka. Amabandla aseyihlanganisile insimu yawo ngokushiyela abaninikhaya i-Kingdom News No. 36 endlini ngayinye angahambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi. Uma abantu sebenazo lezi zincwadi, ungahambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ngo-December: Incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ngo-January: Incwadi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya noma Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ngo-February: Incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, noma, noma iyiphi enye incwadi enamakhasi angu-192 ibandla elinayo esitokweni eyakhishwa ngo-1986 noma ngaphambi kwalokho.

◼ Ngemva kokuba umkhankaso we-Kingdom News usuphelile, amabandla asenayo i-Kingdom News No. 36 angase akhuthaze abamemezeli ukuba bayihambise ngendlela abahambisa ngayo amapheshana—kokubili endlini ngendlu nakwenye indawo. Uma kuwukuhlakanipha ukwenza kanjalo, abamemezeli bangase bayishiye endlini ngayinye lapho kungekho muntu khona, baqiniseke ukuthi ayibonakali kubantu abadlulayo. Kufanele kwenziwe imizamo yokuwasakaza wonke amakhophi asele alesi sigijimi esibalulekile.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisa ibandla ngemva kokuba sekwethulwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda izimemo zesikhumbuzo sika-2001 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Lezi zimemo zitholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Kufanele zi-odwe ngamaqoqo angu-100 ulimi ngalunye. Sicela nizi-ode ngokulinganisela ngoba izimemo zihloselwe ukusakazwa kubantu abathakazelayo kuphela, hhayi noma ubani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela