IBhokisi Lemibuzo
◼ Ngobani okufanele bathandaze emihlanganweni yebandla?
Umthandazo webandla uyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. Ukumelela abanye phambi kukaJehova kuyilungelo eliyigugu nomthwalo wemfanelo ongathi sína. Ngenxa yokubaluleka kwawo, abadala kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle lapho benquma ukuthi yibaphi abazalwane abakufanelekelayo ukuthandaza emihlanganweni yebandla. Abazalwane ababhapathiziwe abamelela ibandla kufanele babe izikhonzi ezivuthiwe ezingamaKristu ezaziwa njengezibonelo ezinhle futhi ezilihloniphayo ibandla. Imithandazo yabo yenhlonipho kufanele ibonise ukuthi banobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu. Isihloko esithi “Ukuthandaza Phambi Kwabanye Ngenhliziyo Ethobekile” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1986, sibeka izimiso ezibalulekile eziwusizo kakhulu kulabo abathandazela ibandla obala.
Abadala ngeke bacele umzalwane owaziwa ngokuziphatha okungabazisayo noma oweqisayo ezintweni ukuba athandaze. Umzalwane ovame ukukhononda noma osebenzisa umthandazo ukuze aveze ukungezwani kwakhe nabanye ngeke akhethwe. (1 Thim. 2:8) Ngisho noma umzalwane osemusha owevile eshumini nambili engaba obhapathiziwe, abadala kuyodingeka babone ukuthi unakho yini ukuvuthwa okungokomoya kokuthandazela ibandla.—Qhathanisa nezEnzo 16:1, 2.
Ngezinye izikhathi emihlanganweni yenkonzo yasensimini, kungase kudingeke ukuba udade obhapathiziwe athandaze uma engekho umzalwane ofanelekayo ukuba amelele iqembu ngomthandazo. Kuyodingeka athwale isembozo sekhanda esifanelekayo. Uma kubonakala ukuthi kungenzeka angabi bikho umzalwane ofanelekayo emhlanganweni wenkonzo othile, abadala kufanele babele udade ofanelekayo ukuba ahole.
Kuvamile ukuba usihlalo woMhlangano Weningi kube nguyena ovula ngomthandazo. Nokho, kweminye imihlangano yebandla, uma kunabazalwane abaningi abafanelekayo, omunye umzalwane ngaphandle kwalowo ovula umhlangano noma owabelwe inkulumo yokugcina angacelwa ukuba avule futhi aphethe ngomthandazo. Kunoma yikuphi, umzalwane ocelwa ukuba athandaze emhlanganweni webandla kufanele atshelwe kusengaphambili ukuze akwazi ukucabanga ngalokho azokusho. Lokho kuyomenza athandaze ngokuzwakalayo, ngokusuka enhliziyweni nangokuvumelana nalowo mhlangano.
Imithandazo enjalo akufanele ibe mide. Uma umzalwane ethandaza ebandleni, ngokuvamile uyozwakala kangcono uma esukuma, akhulume ngokuzwakalayo futhi amazwi awaphumisele kahle. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 14:16.) Lokhu kuyokwenza ukuba bonke labo abahlangene bawuzwe umthandazo futhi ekuphetheni kwawo basho ngokusuka enhliziyweni ukuthi “Amen!”—1 IziKr. 16:36.