IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-June: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Gxilani ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-July nango-August: Kungase kusetshenziswe noma iyiphi incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Izincwajana, ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu nethi Our Problems—Who Will Help Us Solve Them?, zingase zihanjiswe lapho kufaneleka khona. Ngo-September: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
◼ SIZA UPHAWULE: Kunoshintsho ezinsukwini ezilandelayo zomhlangano wesigodi, ngaphandle kwalapho kuboniswe ngenye indlela:
Ngo-November 17-19:
EVereeniging (IsiSuthu/IsiZulu)
Ngo-November 24-26:
Emtata (IsiXhosa 1; umhlangano omusha)
EPitoli (isiNgisi)
Ngo-December 1-3:
EGoli (IsiBhunu)
Emtata (IsiXhosa 2; umhlangano omusha)
ESprings (IsiSuthu, IsiZulu)
Ngo-December 8-10:
EBloemfontein (IsiSuthu)
EPort Elizabeth (IsiBhunu/IsiNgisi)
EPort Elizabeth (IsiXhosa)
EThohoyandou (IsiVenda)
Ngo-December 15-17:
EButterworth (IsiXhosa; awusekho)
EGaborone (IsiNgisi)
EGaborone (IsiTswana)
KaManzini (IsiSwati)
Ngo-December 22-24:
EWalvis Bay (IsiBhunu/IsiNgisi, IsiKwangali, ULimi Lwabakhuluma Ngezandla)
Ngo-December 29-31:
EMgungundlovu (IsiZulu)
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Appreciating Our Spiritual Heritage (Idrama, ikhasethi elilodwa)—NgesiNgisi