‘Yini Engingayenza?’
1 ‘Yini engingayenza?’ Akungabazeki ukuthi lowo mbuzo wawusezingqondweni zamalungu eqembu elincane elitadisha iBhayibheli elalihlelwe uCharles Taze Russell ngawo-1870. Njengoba bethuthuka ekuqondeni kwabo intando kaNkulunkulu, labo bafundi beBhayibheli bokuqala kumelwe ukuba babezibuza ukuthi yini ababengayenza ukuze basize abanye bafunde ngenjongo kaNkulunkulu. Ukufinyelela umhlaba wonke ngolwazi lweBhayibheli ababeluzuzile kwakuwumsebenzi omkhulu ngempela.
2 Siyajabula ngokuthi bayinqoba leyo nselele. Kanjani? Umuntu ngamunye wafeza ingxenye yakhe eyayibonakala sengathi incane, kangangokuthi namuhla oFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke—inhlangano yabamemezeli boMbuso abacela ezigidini eziyisithupha abakhonza emabandleni athi mawabe ngu-90 000 emazweni angu-234 neziqhingi zolwandle!—Isaya 60:22.
3 Sekela Ngokugcwele: Kubalulekile ukuba ngamunye wethu abe nengxenye ethile emsebenzini omkhulu uJesu abikezela ukuthi wawuzokwenziwa kulezi zinsuku zokugcina. (Marku 13:10) Ngokuqinisekile lo msebenzi awunakushiyelwa nje enanini elithile labadala; futhi umsebenzi wokushumayela awubi semahlombe amaphayona kuphela. Empeleni, wonke umKristu ozinikezele unendima ebalulekile okufanele ayifeze. Sonke singahlanganyela ohlotsheni oluthile lomsebenzi wokushumayela. (1 Thim. 1:12) Kungakhathaliseki ukuthi lokhu sikwenza ngezinga elingakanani, sizizuzisa thina nabanye.—1 Thim. 4:16.
4 Ngamunye wethu angabasekela ngokugcwele nangezinye izindlela ezibalulekile abazalwane bethu abangamaKristu. Singasekela imihlangano yebandla ngokuba khona kuyo njalo nangokuhlanganyela ngentshiseko. (IHu. 122:1, 8, 9) Singafeza ingxenye yethu yokugcina ibandla lihlanzekile ngokokuziphatha. Singawusekela ngezimali umsebenzi womhlaba wonke kuye ngokwamandla ethu. Singahlanganyela ekuhlanzeni iHholo LoMbuso. Sonke singathuthukisa umoya ofudumele wothando nobunye ebandleni ngokusiza abasanda kuhlanganyela, abasebancane kanye nabadala.—Kol. 3:12, 14.
5 Ngakho ungase ubuze, ‘Yini engingayenza?’ Nakuba imizamo yenu ngabanye ingase ibonakale ingelutho, kodwa ngokwenza ingxenye yakho, ufaka isandla ekubeni kube nebandla eliqinile, elikhuthele neliphilayo. Ngakho sonke sinengxenye ebalulekile ekudumiseni igama likaJehova!