“Shumayela Izwi . . . Unomuzwa Wokuphuthuma”
1 Uma uthola okuthile okubhalwe ukuthi “KUYAPHUTHUMA,” ukubheka kanjani? Igama elithi “kuyaphuthuma” lisho ukuthi “kudinga ukunakekelwa ngokushesha.” Yingakho-ke umphostoli uPawulu ayala amaKristu ukuba ‘ashumayele izwi ngomuzwa wokuphuthuma.’ (2 Thim. 4:2) Ingabe usabela ngokuwunakekela ngokushesha lo msebenzi?
2 Kungenzeka uPawulu watshelwa ukuthi abanye babafowabo babenokuthambekela ‘kokulibala emsebenzini wabo’ njengamaKristu. (Roma 12:11) Lokhu kwenza ukuba ukusebenza kwabo kwangaba nazithelo kahle futhi bangayitholi injabulo ababengayithola ekusizeni abanye.
3 Indlela UJesu Ayeyibheka Ngayo Inkonzo: Yeka injabulo uJesu ayeyithola enkonzweni yakhe! Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” Isibonelo sikaJesu sabakhuthaza abafundi bakhe, labo abakhuthaza ngokubatshela ukuthi ‘amasimu asemhlophe ukuba avunwe.’ (Joh. 4:34, 35) Umuzwa wokuphuthuma awubonakalisa kuyo yonke inkonzo yakhe waba sobala lapho etshela abafundi bakhe ukuba ‘bancenge iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.’ (Math. 9:38) UJesu waqaphela ukuthi ukuthunywa kwakhe kwakuwukuba ashumayele, futhi wayezimisele ukuthi kungabibikho lutho olwaluzomvimbela ukuba akwenze.
4 Kuthiwani Ngathi? Namuhla, kuphuthuma kakhulu kunanini ngaphambili ukuba siqhubekele phambili nomsebenzi wokushumayela. Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, amasimu alungele ukuvunwa. Ngisho nasemazweni okubonakala sengathi sekunikezwe ubufakazi obuhle kuwo, kusenezinkulungwane ezibhapathizwayo unyaka ngamunye. Njengoba ukuphela kwalesi simiso sezinto kusondela ngokushesha, ‘kunokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Kubaluleke kakhulu kunanini ngaphambili ukuba sizikhandle ngentshiseko ekuhlanganyeleni nabanye isigijimi soMbuso.
5 Masiphishekele ukufinyelela abanye ngezindaba ezinhle, endlini ngendlu nanoma yikuphi lapho abantu bengatholakala khona ensimini. Ngokuhlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela, sibonisa ngokusobala ukuthi sibeka uMbuso kuqala ekuphileni kwethu. (Math. 6:33) Ukuthembeka kwethu ekushumayeleni izwi ngomuzwa wokuphuthuma kuyosilethela injabulo enkulu.