Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/02 k. 1
  • Uzoba Khona Yini Wena?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uzoba Khona Yini Wena?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zuza Ngokugcwele Emhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • UMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova Ka-2006 Onesihloko Esithi “Ukukhululwa Kuseduze!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 10/02 k. 1

Uzoba Khona Yini Wena?

1 UFakazi othile ongumakad’ ebona wake wathi: “Uma uphuthelwa usuku lokuqala lomhlangano, usuke uphuthelwe lukhulu!” Kungani ayezizwa ngaleyo ndlela? Ngoba usuku lokuqala luyisiqalo sedili elingokomoya elicebile inhlangano kaJehova esilungiselele lona. (Isaya 25:6) Ukuba khona kwethu kusukela ekuqaleni kwalo kubonisa ukuthi sizizwa ngendlela umhubi azizwa ngayo: “Ngajabula lapho bethi kimi: ‘Masiye endlini kaJehova.’”—IHu. 122:1.

2 Nokho, ngonyaka odlule kweminye yeMihlangano Yesigodi ‘Yabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu’ inani lababekhona ngoLwesihlanu laliphansi kakhulu kunelangoMgqibelo nangeSonto. Lokhu kusho ukuthi inani elikhulu kakhulu labafowethu laphuthelwa izingxenye zemihlangano ezanikeza ukwaziswa okubalulekile ngezwi lesiprofetho. Balahlekelwa ngisho nawubudlelwano obujabulisayo namanye amakholwa.

3 Ungavumeli Umsebenzi Wokuziphilisa Ukuphazamise: Kungenzeka ukuthi isizathu sokuba abanye bangabi khona ngoLwesihlanu ukukhathazeka ngokuthi hleze balahlekelwe umsebenzi wabo. Nokho, oFakazi abaningi baye bathola ukuthi abaqashi babo bazimisele ukubambisana nabo kule ndaba uma becela isikhathi kusengaphambili. Omunye umqashi, lapho ebona ukuzimisela okungagudluki komunye udade oyiphayona kokuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla nemihlangano emikhulu, wahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuba waze waya naye emhlanganweni wesigodi usuku lonke!

4 Akufanele umane nje uphethe ngokuthi umqashi wakho ngeke akunike isikhathi, noma ngokuthi ukuphuthelwa usuku olulodwa lomhlangano wesigodi akukubi neze. Unokuqiniseka okusuka enhliziyweni, lungiselela ukuba uchazele umqashi wakho ngemiBhalo nangobuhlakani, ukuthi kungani ukuya emhlanganweni wesigodi kuyisici esibalulekile sokukhulekela kwakho. (Heb. 10:24, 25) Yibe usuthembela ngokugcwele ezithembisweni zikaJehova, uqaphela ukuthi noma yini oyidingayo ngokwezinto ezibonakalayo uyoyithola uma uqhubeka ubeka izidingo ezingokomoya ngaphambi kwazo zonke ezinye izinto ekuphileni.—Math. 6:33; Heb. 13:5, 6.

5 Isici esiyisihluthulelo ukwazisa ‘izinto ezibaluleke kakhulu.’ (Fil. 1:10, 11; IHu. 27:4) Lokhu kusishukumisela ukuba sihlele ukuzuza ngokugcwele kuleli lungiselelo elibalulekile elivela kuJehova. Qala manje ukwenza amalungiselelo aqondile, futhi uzimisele ukuthi uzoba khona ngazo zontathu izinsuku!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela